Ilanga News
Home 9 Featured 9 Indawo yokudla yeTheku iklonyeliswe ngokudonsa izivakashi

Indawo yokudla yeTheku iklonyeliswe ngokudonsa izivakashi

by | 29 June 2025

IHLOMULE ngomklomelo yokuhamba phambili ekusondezeni abezokuvakasha ngenxa yokudla kwayo kwesintu indawo yaseThekwini ezinze kwabadla izambane likapondo.

IMushroom Lounge ezinze eMhlanga, ichonywe uphaphe lwegwalagwala umasipala weTheku kwi-Durban Tourism Business Awards ngesonto eledlule lapho bekungenele khona osomabhizinisi abangaphezulu kuka-61 kulo mkhakha. Le ndawo ithole u-R100 000 iklonyeliswa wumsipala emunxeni weDurban Best Resturant. Imeya yaseThekwini uMnu Cyril Xaba ithe lendawo bayaziqhenya ngayo ngenxa yokuthi nakuba isezindaweni eziphambili kodwa nabantu abangenawo amandla amaningi kwezomnotho, bayakwazi ukudla kuyona.

“Siyabonga ukubona osomabhizinisi abafikayo bekhula futhi bebukeka besimama. Lokhu-ke kuyasilekelela ikakhulukazi kwezokuVakasha eThekwini ngoba baningi abakhuluma ngale ndawo beyincoma ngenxa yokudla kwayo okusenza singazikhohlwa imvelaphi yethu,” esho.

UMnikazi walendawo uMnu Sbongiseni “Mageza” Mbambo uthe namanje uswele amazwi okubonga ngokuhlomula kwale ndawo inconywa ngamagalelo ayo. Uveze ukuthi nakuba inkomo isathuka isisinga kulo mkhakha webhizinisi kodwa usekhuthazeke kakhulu.

“Sibonga unkulunkulu esimkhulekayo, nezisebenzi zaseMushroom ngokunikeza umphakathi ukudla okusezingeni eliphezulu. Baningi osomabhizinisi abaqokiwe ,kodwa ukuhlomula kwale ndawo ekubeni iseyintsha ngalolu hlobo- kungijabulise kakhulu,” kusho uMnu Mbambo.

Uthi lendawo ngesikhathi ivulwa ibusiswe iSilo uMisuzulu ngenxa yokuthi uhlobo lokudla okutholakala kuyona okwesintu sakwaZulu. Ubonge iSilo ngezibusiso wathi kuningi okuhle okuthakaselwa ngabantu ngale ndawo ngenxa yazo.

“Siyafisa ukuthi ukuhlonishwa kosomabhizinisi kuqhubeke njalo uma kungukuthi amabhizinisi abo ayawenza umehluko omuhle ezimpilweni zabanye abantu,” esho.

Le ndawo yaseMushroom, nyakenye ibiyomela leli phesheya e-United State of America ngenyanga yamagugu iyokhombisa ngokudla kwesintu emgubhuweni wokuqhakambiswa kwamagugu amazwe omhlaba.

mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...