Ilanga News
Home 9 Featured 9 Indelelo ‘ababulali beya emlindelweni wesisulu bezifihle ngamaphinifa’

Indelelo ‘ababulali beya emlindelweni wesisulu bezifihle ngamaphinifa’

by | 25 August 2026

LIKHALE ngendelelo nokungahloniphi kwababulali ababili, okuthiwa baya emlindelweni webhungu ababelibulele, bezifihle ngokugqoka amaphinifa iJaji uRithy Singh, libagixabeza ngodilikajele.

USingh usho lokhu ngoLwesine ngesikhathi egigxabeza ngodilikajele ababili neminyaka engaphezu kuka-15 ngaphezulu, uLungelo Sibisi (23) noNkosinathi Ndzolo (24), abalahlwe ngamacala amabili okubulala, nawokutholakala nezibhamu nezinhlamvu. USibisi noNdzolo babulala uMnu Siyabonga Nzama (22) noMnu Sphelele Luyanda Hlophe (24) ngo-2024, ngesikhathi belinde ibhasi KwaQedumona, eMaotana, eNanda.

Kuthiwa ngesikhathi bedutshulwa, uHlophe wakwazi ukubalekela kubo kamzala wakhe, kodwa abamangalelwa bamlandela, bayombulalela khona, phambi komzala wakhe owayengumfundi. Imibiko iveza ukuthi ukubulawa kwabo kwakuhlobene nombango wokuthuthwa kwezingane zesikole.

Kuthiwa uNzama noSibisi babesebenza ‘njengomalume’ abathutha izingane, okwathi ekuhambeni kwesikhathi, uSibisi waboshwa ngecala elingahlangene naleli, izingane ayezithutha zasala dengwane. Kuthiwa zabe sezithuthwa nguNzama, okwathi uma ededelwa uSibisi, kwasuka umsindo esezifuna ngodli, okwagcina kuholele ekubulaweni kukaNzama. Ababulali baboshwa ngonyaka ophelile.

Ngesikhathi beboshwa, uSibisi watholakala nesibhamu esasinezinhlamvu eziwu-7, okuvela ukuthi sasebiwe. UNdzolo wabanjwa noqhwasha owawunenhlamvu eyodwa. Ngokwencwadi efungelwe eveza umonakalo owadalwa wukufa kukaNzama emndenini, ebhalwe ngunina uNkz Silindile Nzama, kuvela ukuthi impilo emndenini wakhe kayiphindanga yefana.

Uthi indodana yakhe ibulawa nje, yayizama ukuhlanganisa imali yokuyokwenza izifundo zobudokotela, njengoba yayisanda kuphothula umatikuletsheni. Uthi abamangalelwa bafika emlindelweni wendodana yakhe begqoke amaphinifa, bezifihlile.

“Indodana yami yayiqongelela imali eyayiyihola ngokuthutha izingane zesikole, ukuze ikwazi ukubhalisela izifundo zobudokotela. Amaphupho ayo aphela kanjalo, beyibulalisa okwesigebengu. Phezu kwalokho, kwavuleka elikhulu igebe njengoba yayiselekelela nasohlangothini lwezemali.

“La engabona khona ukuthi ababulali bendodana yami kabananembeza, futhi kabazisoli ngesenzo sabo, yingosuku lomlindelo, ngesikhathi befika bezifihle ngokufaka amaphinifa. Ngikholwa wukuthi lokhu bakwenza ngoba bazi ukuthi akekho ongabalwisa ekhaya. Lokhu ngikuthatha njengokudelela okukhulu,” kusho uNkz Nzama.

UMshushisi wombuso u-Adv Thabani Buthelezi ucele inkantolo ukuthi ingabazweli abamangalewa uma isibagweba. Ucele ukuthi ingayibheki iminyaka yabo, njengoba ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi amacala amaningi enziwa ngabantu abasha.

Lethula isinqumo ijaji lithe: “Ngemuva kokufunda incwadi efungelwe kaNkz Nzama, ngenze imizamo yokuxhumana naye, wangitshela ukuthi nakuba engababonanga ngamehlo abamangalelwa emlindelweni, kodwa izihlobo zakhe zamazisa. Uma lokhu kuyiqiniso, ngikufanisa nokukhulu ukwedelela. Ngale kwalokhu, nami ngizibonele ukuthi abamangalelwa kabanakho nokuncane ukuzisola ngesenzo sabo, ngesikhathi kuqulwa icala.

“Anginazo izizathu ezingenza ngehle ezigwebeni ezishicilelwe kumthethosisekelo wakuleli, okuwudilikajele emacaleni okubulala neminyaka ewu-15 kwelokutholakala nezibhamu. KuSibisi ngibone kufanele ukuthi ngengeze ngeminyaka ewu-3 kwelokutholakala nezinhlamvu. KuNdzolo unyaka owodwa kwelokutholakala nenhlamvu umfanele.”

Ezisematheni

UMatlala unqabe ukudalula ababekhokhela uSibiya kwiMadlanga

UMatlala unqabe ukudalula ababekhokhela uSibiya kwiMadlanga

KUMSHUBELE kwiKhomishini kaMadlanga usomabhizinisi oyamaniswa neqembu lezigebengu, uMnu Vusumuzi ‘Cat’ Matlala enqaba ukuphendula eminye imibuzo ekhala ngokuthi uzolimaza icala njengoba kusamele aphendule enkantolo ngamacala athweswe wona. UMatlala ubenqaba ukuveza...

Undunankulu unikele ngamaTower eMsinga

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli unikele ngama Wi-Fi Network Tower, emphakathini  waseSifuleni, eMsinga. Lokhu kwenzeke njengoba undunankulu ebeseMzinyathi ngoLwesithathu ngokohlelo lukahulumeni wesifundazwe lwe-Operation Sukuma sakhe obekukhona...

Wenqabe ukushuthwa obhekene nelokubulala unina wengane yakhe

Wenqabe ukushuthwa obhekene nelokubulala unina wengane yakhe

KUHLEHLE ukuqala kokuqulwa kwecala lokubulala elibhekene nowesilisa waseMandawe osolwa ngokudubula unina wengane yakhe maqede wazidubula, ngemuva kokuba umsolwa enqabe ukushuthwa ngesikhathi evele enkantolo yeMantshi eScottburgh. UMnu Sibonelo Gumede (29) ubhekene...