Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kunzima ‘kobulawe ephila’ ethathelwa nemishwalense yokufa

Kunzima ‘kobulawe ephila’ ethathelwa nemishwalense yokufa

by | 6 August 2025


INZIMA impilo kowesilisa waseMlazi, othathelwe imishwalense yokufa, yakhokha ngoba kuthiwa ufile kulandela ukubanjwa inkunzi, waphucwa nomazisi.

Ijamile impilo kaMnu Lethuxolo Chiliza (26), njengoba eMnyangweni wezaseKhaya kuvela ukuthi sewashona.

‘Ubulawa’ nje, ubethathelwe imishwalense yokufa kwaSanlam nasebhange iCapitec. Uthi uthuke woma eshayelwa ucingo ngumphenyi wakwaSanlam, ethi bathole isicelo senkokhelo ngokufa kwakhe.

Uthi umphenyi wathi ngokombiko abawutholile, ushonele KwaNdengezi ngemuva kokugula. ICapitec bese imkhokhelile umuntu obemkhavile.

ILANGA liwabonile amaphepha asemakhazeni, abhalwe nemininingwane kadokotela okuthiwa wamhlinza. Uthi ngoNhlolanja (February) wangonyaka odlule, wabanjwa
inkunzi kwaF, eMlazi, kwalahleka nomazisi wakhe.

Uthi wabika emaphoyiseni, wenza nencwadi efungelwe, ngaphambi kokuyoshaya umazisi omusha, owaphuma ngomhla ka-27 kuNhlaba (May) wangonyaka odlule.

“Sekuze kwavaleka nemali yami engiyigcine ebhange ngoba kuvela ukuthi ngishonile,” esho.

Uthi eMnyangweni wezaseKhaya, bakuqinisekisile ukuthi uvela njengomuntu osewashona. Uthi bazama ukuyilungise inkinga, bamginqisa izithupha, bamtshela ukuthi bazomthinta.

Uthi kuze kube yimanje kabakaze bamthinte, ngisho eya khona kayikho incazelo ayitholayo.

UChiliza ukhala ngokuthi yonke indawo kusavela ukuthi sewashona. Uthi nasemsebenzini useke wahlala isikhathi eside engaholi, ibhange livale i-account yakhe ngoba kuthiwa sewashona.

Uthi ngeledlule uthole ucingo oluphuma kwinyunyana yasemsebenzini wakhe, ibuza ukuthi kungani ingathathwa imali yakhe yempesheni yokufa ngoba unezinyanga eziwu-6 ashona.

Uthi lokhu kusakhomba khona ukuthi namanje usathathwa njengomuntu ongasekho emhlabeni. Uthi ufisa ukuthola usizo ukuze impilo yakhe iqhubeke.

Isikhulu esiphezulu eMnyangweni wezaseKhaya, eThekwini uMnu Mbongeni Magagula, sitheuChiliza kumele afike emahhovisi abo ukuze bezobheka ukuthi angasizakala kanjani.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...