Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kususe umsindo ukukopela kuka-matric

Kususe umsindo ukukopela kuka-matric

by | 8 February 2026

ULAKA lwabazali bezi-ngane ezifunda eZweli-njani Secondary School, eNqabeni, eMsinga, seluphaza-mise nezikole ezakhelene nalesi, ngenxa yemibhikisho eyenzeka kule ndawo, kuvalwa imigwaqo, kubangwa ukuthi kayiphumanga imiphumela kamatikuletsheni yabafundi baseZwelinjani.


Lesi sikole sisolwa ngokukopelisa abafundi ngesikhathi kubhalwa izivivinyo zokuhlolelwa ukuphela konyaka, ngonyaka odlule. Izinsolo zokuhlinzwa kwembuzi zibanjwe ezikhungweni zokumakwa kwama-phepha ngoZibandlela (December).
Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa izifundo ezibanjiwe, yiMaths, iLife Sciences, iPhysical Science neMaths Literacy. Kuvela ukuthi abafundi bazitholile izitatimende zemiphumela yabo eveza ezinye izifundo ukuthi baziphase kanjani, kodwa lezi ezine abasolwa ukuthi bakotshelisiwe zona, zibanjiwe, kazivezwanga.


Lokhu kuholele ekutheni imiphumela yalesi sikole ingaphumi ephepheni ngoMsingana (January). Ngokwemithombo yaleli phephandaba, kuthiwa sekukhona ukunukana kothisha bakulesi sikole, omunye usola omunye.
“Izingane ziyaphika ukuthi ngesikhathi zibhala bezilekelelwa ngothisha ngezimpendulo. Asilazi iqiniso kuyona yonke le nto ngoba abanye othisha sebesolana ngoku-thi omunye ubacebile,” kusho umthombo.


Kubikwa ukuthi ngoLwesine kuzohlangana abazali nezikhulu zezemfundo esikoleni eZwelinjani, kuxoxwe ngalolu daba.
Omunye wabazali utshele ILANGA ukuthi ngesikhathi kubanjwa imiphumela yezingane zabo, bahambile baya kwisekethe beyofuna incazelo.
“Asilutholanga usizo, akekho osichazelile ngale nkinga esibhe-kene nayo ngezingane zethu. Okusiphatha kabi wukuthi kuya-bhaliswa emanyuvesi, ezinye izi-ngane ziyaqhubeka, kodwa ezethu zihleli emakhaya, kazichazelwa lutho,” kusho umzali.
Imizamo yokuthola isigungu sesikole kayiphumelelanga.


Okhulumela uMnyango weze-Mfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi kusaphenywa izinsolo.
“Ukuphenywa kwezinsolo kuthatha isikhathi eside. Abantwana basazobizwa ngokwehlukana kwabo, baphenywe, benze nezincwadi ezifungelwe,” kusho uMahlambi.


Uthi yingakho unyaka nonyaka bekukhuza ukukopela ngenxa yokuthi kubambezela inqubekela phambili yabafundi.
“Abantwana siyabatshela mi-nyaka yonke ukuthi bangavumi ukunikezwa izimpendulo uma kubhalwa amaphepha ngoba bazi-limaza bona uqobo,” esho.


Uthe uma lezi zinsolo ziqinisekiswa ngokophenyo, abafundi ba-bhekana nesigwebo esinzima, kanti uthisha obekopelisa ngesi-khathi kubhalwa, uyaxoshwa
emnyangweni wezemfundo.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

UZOFIHLWA ngoMgqibelo, eBloemfontein, owaba ngomunye wabasunguli beCongress of the People (COPE), uMnu Mosioua "Terror" Lekota. ULekota, ushonele esibhedlela esiseGoli ngesonto eledlule, ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza. Uke waba nguNgqongqoshe wezokuVikela...

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

NGUJERRY Pooe, ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi. UZOVULELEKA kubafundi nasemalungwini omphakathi umdlalo weshashalazi okhuluma ngeSilo uCetshwayo, obizwa ngeKing Cetshwayo The Musical, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa eThe Playhouse, eThekwini,...