Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kudutshulwe amaphoyisa abaleka, ashiya iveni

Kudutshulwe amaphoyisa abaleka, ashiya iveni

by | 3 December 2025

AHLASELWE yizigebengu, abaleka ashiya iveni angena ehlathini amaphoyisa aseKombe, eNkandla, okuthiwa adutshulwe esigodini eShiyanyawo, eQhudeni, eNquthu ngesonto eledlule.

Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa alimale kanzima amaphoyisa. Kuvela ukuthi ngaphambi kokuba ahlaselwe ngoLwesibili ntambama, ebusuku kuzosa kube yilolu suku, agasele kuyona le ndawo, eyofuna izibhamu ezingekho emthethweni kweminye imizi.

Kuthiwa azitholile, kwabanye angazithola. Umthombo weLANGA uthi emuva kwalesi sigameko, umphakathi usolane wodwa, kwaba khona abasolwayo ngokuthi yibona ababize amaphoyisa. Kuthiwa kukhona ilungu lomphakathi elifonele amaphoyisa, liwacela ukuba ayoliphephisa ngoba lisendaweni ethile elivaleleke kuyona, kalisaphephile.

“Amaphoyisa afikile emphakathini ngenhloso yokuthi azobheka lo muntu ongasaphephile. Ahlangane namalungu athile omphakathi, awabuza ukuthi afuna ukulekelelwa ngani, alubeka-ke udaba. Kuthe endaweni eyibanga esuka kulesi sigodi, adutshulwa kwaphaphalaza imoto, yaphonseka ehlathini,” kusho umthombo.

ILANGA lixhumane neNkosi yendawo u-Ashwell Sithole, okuvezile ukuthi izinsizwa zendawo yaseShayanyawo ziwalekelelile amaphoyisa ngokuthi aphuthunyiswe esibhedlela. Inkosi ithe umphakathi uzinikele ekulweni nobugebengu ngokuthi unikeze amaphoyisa ulwazi aludingayo, ukuze kukhucululwe konke okungalungile esizweni sakwaSithole, eQhudeni.

“Amaphoyisa agitshezwe imoto yo-mphakathi, okuthe uma kubonakala ukuthi alimele kanzima kudingeka isimo esiphuthumayo, aphuthunyiswa esibhe-dlela eKo-mbe,” kusho inkosi.

Iveze ukuthi ukhona umsolwa obanjwe ngamalungu omphakathi eseyogibela erenki yaseKhomfini, esizweni saKwaNgono, eNkandla, elibangise eGoli ebaleka. Uthe umsolwa ube esededelwa ngamaphoyisa, ngenxa yokungahlangani kobufakazi.

“Isibhedlela sikude nale ndawo, bekuphoqa ukuthi amadoda azinikele angene ehlathini, asize amaphoyisa eselimele. Ngiyaphikelela kwelokuthi abantu abayizigebengu kumele baboshwe ngoba sixakwe nawubugebengu bemfuyo obenziwa emphakathini,” isho

Iphunzile imizamo yokuthola okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Colonel Robert Netshiunda.
Akatholakanga ukuba aqinisekise lesi sigameko, nemiyalezo athunyelelwe yona akayiphendulanga.


`

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....