Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kudutshulwe amaphoyisa abaleka, ashiya iveni

Kudutshulwe amaphoyisa abaleka, ashiya iveni

by | 3 December 2025

AHLASELWE yizigebengu, abaleka ashiya iveni angena ehlathini amaphoyisa aseKombe, eNkandla, okuthiwa adutshulwe esigodini eShiyanyawo, eQhudeni, eNquthu ngesonto eledlule.

Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa alimale kanzima amaphoyisa. Kuvela ukuthi ngaphambi kokuba ahlaselwe ngoLwesibili ntambama, ebusuku kuzosa kube yilolu suku, agasele kuyona le ndawo, eyofuna izibhamu ezingekho emthethweni kweminye imizi.

Kuthiwa azitholile, kwabanye angazithola. Umthombo weLANGA uthi emuva kwalesi sigameko, umphakathi usolane wodwa, kwaba khona abasolwayo ngokuthi yibona ababize amaphoyisa. Kuthiwa kukhona ilungu lomphakathi elifonele amaphoyisa, liwacela ukuba ayoliphephisa ngoba lisendaweni ethile elivaleleke kuyona, kalisaphephile.

“Amaphoyisa afikile emphakathini ngenhloso yokuthi azobheka lo muntu ongasaphephile. Ahlangane namalungu athile omphakathi, awabuza ukuthi afuna ukulekelelwa ngani, alubeka-ke udaba. Kuthe endaweni eyibanga esuka kulesi sigodi, adutshulwa kwaphaphalaza imoto, yaphonseka ehlathini,” kusho umthombo.

ILANGA lixhumane neNkosi yendawo u-Ashwell Sithole, okuvezile ukuthi izinsizwa zendawo yaseShayanyawo ziwalekelelile amaphoyisa ngokuthi aphuthunyiswe esibhedlela. Inkosi ithe umphakathi uzinikele ekulweni nobugebengu ngokuthi unikeze amaphoyisa ulwazi aludingayo, ukuze kukhucululwe konke okungalungile esizweni sakwaSithole, eQhudeni.

“Amaphoyisa agitshezwe imoto yo-mphakathi, okuthe uma kubonakala ukuthi alimele kanzima kudingeka isimo esiphuthumayo, aphuthunyiswa esibhe-dlela eKo-mbe,” kusho inkosi.

Iveze ukuthi ukhona umsolwa obanjwe ngamalungu omphakathi eseyogibela erenki yaseKhomfini, esizweni saKwaNgono, eNkandla, elibangise eGoli ebaleka. Uthe umsolwa ube esededelwa ngamaphoyisa, ngenxa yokungahlangani kobufakazi.

“Isibhedlela sikude nale ndawo, bekuphoqa ukuthi amadoda azinikele angene ehlathini, asize amaphoyisa eselimele. Ngiyaphikelela kwelokuthi abantu abayizigebengu kumele baboshwe ngoba sixakwe nawubugebengu bemfuyo obenziwa emphakathini,” isho

Iphunzile imizamo yokuthola okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Colonel Robert Netshiunda.
Akatholakanga ukuba aqinisekise lesi sigameko, nemiyalezo athunyelelwe yona akayiphendulanga.


`

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...