
USOMLOMO wesiShayamthetho saKwaZulu Natal uNkz Nontembeko Boyce umise amalungu awu-36 aqhamuka kwiMK Party nakwi-EFF.
Ukumiswa kwala malungu awu-35 eMK Party nelilodwa le EFF kulandela isigameko sangeledlule sodlame oluqubuke ngesikhathi kuvotelwa ukungabuthembi ubuholi bukaNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli.
Kwasuka uthuthuva esiShayamthetho ngesikhathi amalungu aqhamuka kula maqembu ekhombisa ukungahambisani nezinqumo zikaSomlomo kanjalo nangohlelo olwaqhutshwa ngesikhathi kuvotwa.
Amanye amalungu ala maqembu asola uSomlomo ngokwenzelela njengoba aze avuka indlobane kwaze kwaphoqeleka ukuthi kubizwe abakwaSdlodlo ukuzodambisa isimo.

UNkz Boyce ukhiphe isitatimende echaza ngesinqumo asesithathile sikumisa la malungu. Kulesi sitatimende uNkz Boyce uthe umisa la malungu ngaphansi komthetho 63 (1) omayelana nokungaziphathi kahle, ukukhombisa udlame nokuphazamisa ukuhlala kwesiShayamthetho ngomhla ka-15 ku-December 2025.
Uthe ngokwamandla agunyazwe wona uwamisa izinsukuezihlanu zokuhlala kwesiShayamthetho kusukela ngomhla ka12 kuya kumhla ka-17 kuJanuary 2026.
Uqhube ngokuthi lesi sinqumo sakhe sihambisana nomthetho ka-66.
Kuzokhumbuleka ukuthi iMK Party iyona eyafaka isiphakamiso sokungabuthembi ubuholi bukaNtuli.
Sekuyindaba esegudwini ukuthi lesi siphakamiso sigcine singaphumelelanga.







