Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 INdlulamithi ichaza ngokuqokwa kweso leSilo

INdlulamithi ichaza ngokuqokwa kweso leSilo

by | 5 November 2025

YISILO uMisuzulu kaZwelithini, neNkosi uMalusi Zondi.

SICACISE kabanzi ngohlelo lokuqoka amakhosi ukuba yiso nomlomo waso, iSilo uMisuzulu kaZwelithini, emcimbini wamakhosi ezizwe eziyisithupha, wokuthela amanzi nokugcotshwa kwawo ngokusemthethweni, obusesigo-dlweni saseMashobeni, oPhongolo, ngeledlule.

Kulo mcimbi obuhlelwe yiNdlulamithi noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, iSilo siphinde samemezela ngokusemthethweni uMnu Malusi Zondi, njengeso laso ezweni laso. UZondi – ophinde abe nguSihlalo wenhlangano yosomabhizinisi, iBlack Business Federation, ube sematheni emasontweni ambalwa edlule, ngesikhathi evakashelwe yiNdlulamithi emzini wakhe oseMzinyathi, eThekwini.

Sichaza ngalolu hlelo iSilo, sithe ukuqokwa kweso laso kwenzeka ezindaweni ezisemingceleni yezizwe zamakhosi noma ezindaweni ezinombango.

“Ukubekwa kweso leSilo kuyaye kwenzeke ezindaweni ezinombango ongapheli noma indawo esemhlabeni kaZulu, kodwa okungaqondakali ukuthi iphethwe kanjani. Kuyaye kube yisizwe esiphakamisa lowo ofanele ukuqokwa njengeso leSilo, bese isihlalo siqinisekisa lokho. Lesi sikhundla sifana nesikaNdunankulu kaZulu, okuyisikhundla esiqokwa yisihlalo sesilo,” esho.

Ekhuluma uZondi, ubonge ithuba alinikwe yiSilo, wethembisa ukusebenzisana okuhle namanye amakhosi asendlunkulu kaZulu. UZondi ukhuleke esilweni ngezinkomo eziwu-120.

“SingoZondi siyabonga, futhi siyawemukela umsebenzi esiwunikwa yingonyama, wokuba sibheke umhlaba wayo. Thina nezizwe zonke, amakhosi nezinduna siyowubheka umhlaba wesilo siphinde sivikele isihlalo sobukhosi bakwaZulu. Sithe uma sihlala phansi namanye amakhosi akwaZondi, sabona kufanele ukuba sikhuleke ngalezi zinkomo eziwu-120,” echaza.

Kuwo lo mcimbi, kuphinde kwathelwa amanzi, kwabekwa ezihlalweni amakhosi ezizwe eziyisithupha. Kula makhosi kubalwa iNkosi uSQ Mntungwa wakwaDlangama-ndla, yiNkosi uSTZ Ndebele, yiNkosi uPVN Ntombela yaKwa-Nobamba, yiNkosi uSW Mthethwa eGodeni, yiNkosi uMN Mthethwa eMhlana neNkosi uX Zulu eMfulamhle, eMzimkhulu.

Ikhuluma neLANGA iNkosi uVukani Ntombela, ithe iwuthokozele umsebenzi wokuthelwa kwamanzi.

“Umsebenzi wokuthela amanzi ubaluleke kakhulu esizweni, ngoba ungowokuhlanza isihlalo njengoba sazi ukuthi kwakhothama inkosi engizalayo. Izinduna nesizwe sonkana sakwaNtombela, yizona ezenze isiqiniseko sokuthi lo msebenzi uyenzeka. Babe sebekhipha izipho ezibheke endlunkulu zihambisana namaguqa awu-49 okukhuleka eSilweni,” kuchaza uNtombela.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...