Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lizoqulwa ngoMfumfu icala lukaDuduzile

Lizoqulwa ngoMfumfu icala lukaDuduzile

by | 14 August 2026

LIZOQULWA ngo-October nonyaka icala lokuphehla udlame ngezibhelu zika-2021, elibhekene nendodakazi yowayengumenga-meli wezwe uMnu Jacob Zuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla.

UDuduzile ubevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesine, lapho obekulindeleke khona ukuba kuqhubeke ukuqulwa kwamacala akhe amabili, okungelokuphehla udlame, nelokuvukela umbuso.

Kuthiwa uDuduzile wenza la macala esebenzisa inkundla yakhe yezokuxhumana iX, eyaziwa ngeTwitter, ukugqugquzela izakhamizi zakuleli ukuba ziqhubeke nezenzo zodlame ngesikhathi kuboshwe uyise, owalahlwa yicala lokudelela inkantolo.

Lezi zibhelu, zaqala ngomhla ka-9 kuya ku-18 kuJuly, zadlula nemiphefumulo yabantu ababalelwa ku-350, zadla uhulumeni imali ecela ku-R50 billion.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...