Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lizoqulwa ngoMfumfu icala lukaDuduzile

Lizoqulwa ngoMfumfu icala lukaDuduzile

by | 14 August 2026

LIZOQULWA ngo-October nonyaka icala lokuphehla udlame ngezibhelu zika-2021, elibhekene nendodakazi yowayengumenga-meli wezwe uMnu Jacob Zuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla.

UDuduzile ubevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesine, lapho obekulindeleke khona ukuba kuqhubeke ukuqulwa kwamacala akhe amabili, okungelokuphehla udlame, nelokuvukela umbuso.

Kuthiwa uDuduzile wenza la macala esebenzisa inkundla yakhe yezokuxhumana iX, eyaziwa ngeTwitter, ukugqugquzela izakhamizi zakuleli ukuba ziqhubeke nezenzo zodlame ngesikhathi kuboshwe uyise, owalahlwa yicala lokudelela inkantolo.

Lezi zibhelu, zaqala ngomhla ka-9 kuya ku-18 kuJuly, zadlula nemiphefumulo yabantu ababalelwa ku-350, zadla uhulumeni imali ecela ku-R50 billion.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...