
UKHETHE ukushiya ukwethembela kuhulumeni ekulweni nobugebengu umphakathi waseNtuzuma, washaya emaphaketheni, wazithengela amakhamera aqapha imigwaqo ehlukene yakuleli lokishi.
Ukwanda kobugebengu obuhla-nganisa ukubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe nokubulawa kwabantu, kuphoqe umphakathi ukuhlanganisa imali, uzithengele amakhamera wawafaka ezitaladini. Abalelwa ku-20 amakhamera asefakiwe ezigxotsheni zikagesi. Kuthiwa afakwe ezindaweni ezaziwayo ukuthi zinobugebengu obuningi ukuzama ukubehlisa.
UMnu Andile Jali ongusihlalo weNeighbourhood Watch esifundeni iTheku, uthe lokhu abakwenzayo nomphakathi waseNtuzuma, kuwukulekelela amaphoyisa ekutheni kusheshe kuhlonzwe abenzi bobubi ezindaweni ezidume ngobugebengu.
Uthi bawu-6 abantu abakwazi ukubheka ikhamera ngayinye kuleyo ndawo efakwe kuyona, ukuze kuzokuba lula ukubona uma kwenzeka ubugebengu. Uthi selokhu bewafakile la makhamera, sebevune izithelo ezinhle njengoba kukhona umkhondo abawulandelayo ngemoto ebihlalise kabi umphakathi, abakwazile ukuyibona besebenzisa wona.
Uthi amakhamera akwazile ukuqopha le moto ngesikhathi abebekuyona bezama ukubamba inkunzi abantu.
“Umuzi ubufaka u-R100, abanye bafake engaphezulu. Bekungaphoqwe muntu ngoba ngisho nongenawo u-R100 uyakwazi ukufaka leyo anayo uma ezikhalela, ngoba siyakuqonda ukuthi kakuwona wonke umuntu ozoba nayo imali. Njengamanje sesikwaze ukufaka amakhamera awu-20 ezindaweni ezahlukene, ezihlanganisa amawadi amabili, okuwu-42 no-43.
“Siqoka amalungu emphakathini azokwazi ukubheka okwenzekayo okucoshwa ngamakhamera ngokusebenzisa omakhalekhukhwini babo. Uma ngingaphosisi, ikhamera iyodwa ibize u-R2000 uma usubala neyokuthenga i-memory card,” esho.
Uthi bahlose ukuwafaka emalo-kishini ahlukene okubalwa kuwona uMashu, iNanda noMlazi.
“Uma kuwukuthi uhulumeni ufuna ukusilekelela, kungcono usifice sesiqalile ukuzizamela ngokubambisana emphakathini,” kuphetha uJali.







