
INDLUNKULU kaZulu iyaziqhelelanisa nesiphakamiso sokuthi wonke umuntu ongumZulu akhokhe u-R10 ngenyanga, okuthiwa uzoya esikhwameni seSilo, uMisuzulu kaZwelithini.
Kuthiwa ngabasemkhandlwini weSilo nabeluleki baso abaqhamuke nalesi siphakamiso. Bathi bahlongoza lokhu ukuze iMbube ingagcini ngokuphila ngemali eyithola kuhulumeni. USolwazi uJabulani Maphalala, ongomunye wabeluleki beSilo, uthi udaba olufana nalolu kukhulunyiwe ngalo kweminye yemihlangano.
UMntwana uThulani Zulu, waseZibindini, okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uthe yimbudane leyo, kabazani bona nalesi siphakamiso.
“Zonke izinto ezithinta iNdlunkulu, uma kufanele zedluliselwe emphakathini, kuxhunyanwa nami ngoba yimina engigunyazwe ukuba ngumkhulumeni wayo. Alukaze lukhulunywe udaba lokuthi abantu bakhokhe o-R10 ngenyanga, ukweseka iMbube. Abantu mabangalaleli wonke amampunge lana, ngoba adukisa isizwe futhi azobeka iMbube njengomholi oqola abantu,” kusho uMntwana uThulani.
UMnyango kaNdunakulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli, uma wethula isabelomali sawo minyaka yonke, kuba nemali ebekwa eceleni yeNdlunkulu (royal household budget). Leyo mali ibhekela zonke izidingo zeNdlunkulu njengokulungisa izigodlo nokufundisa abaNtwana baseNdlunkulu, abasesikoleni.
ISilo uMisuzulu yisona esengamele isikhwama iNgonyama Trust Fund, okuyimali eqoqwa ezindaweni ezangaphansi kweNgonyama Trust. UMntwana uThulani uthe iNdlunkulu isematasa neminyango kahulumeni wesifundazwe, kulungiselwa uMkhosi woMhlanga, ozokuba sesigodlweni eMashobeni, oPhongolo, ngenyanga ezayo.







