Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 indodakazi kaZuma kwabafungiswe ePhalamende

indodakazi kaZuma kwabafungiswe ePhalamende

by | 10 December 2025

LUCKY CAIN

KUFUNGISWE nendodakazi kaMnu Jacob Zuma emalungwini amasha eMK Party asePhalamande, izolo ngoLwesithathu.
 UNkz Brumelda Zuma (osesithombeni), ungelinye lamalungu aleli qembu eliholwa nguyise, afungiswe ePhalamende ukuvala izikhala ebezivulekile kulona.
   Ufungiswe nabanye ozakwabo, okukhona kubona uMnu Bongani Mkongi, oke waba yiphini likangqongqoshe wamaphoyisa, nguMnu Phumlani Kubekeli noNkz Makhosazana Radebe. 

Kuleli qembu kusanda kwesula amalungu alo ePhalamende, okunguNkk Duduzile Zuma-Sambudla – naye oyindodakazi kaMnu Zuma – noMnu Lucky Montana owesule ngeledlule. 

Bezivele zikhona ezinye izikhala ebezivulekile kulona.
  

USotswebhu waleli qembu ePhalamende, uNkz Colleen Makhubele, uncome laba baholi abafungisiwe, wabachaza njengabanamagalelo azokwazi ukusiza leli qembu ePhalamende. Uthe ubukhona babo buzoqinisa imizamo yabo yokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika. 

Ukuqinisekisile ukuthi uNkz Zuma uyindodakazi kaZuma, kodwa wamchaza njengomuntu onesipiliyoni sokusebenzela umphakathi, futhi oneziqu zePublic Service Managament, wathi uzobamba iqhaza elimqoka kulolu hlangothi.
lucky.cain@ilanganews.co.za 

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...