
INDUDUZO iqembu lodumo iLadysmith Black Mambazo esanda kushonelwa ngomunye wabasunguli bayo u-Albert Mazibuko ligoduko nezindondo ezintathu emcimbini weMetro FM Music Awards eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.
Kulo mcimbi obuhanjelwe izinkulungwane zabantu leli qembu elidume nakwamanye amazwe ligoduke nezindondo okubalwa kuzo iBest Collaboration Song ngengoma yalo eliyenze noMbuso Khoza noNduduzo Makhathani esihloko sithi You Make Me Happy, Best African Pop ngayo futhi le ngoma ne Global Icon Award.

Leli qembu lihlomula ngalezi zindondo nje ngeledlule belifihla uMazibuko obesefana noyisa kumalungu aleli qembu elasungulwa uJoseph Shabalala.
UThukuthela noJazzworld, uShandesh noCiza ngabanye babaculi abagoduke bemoyizela kulo mcimbi njengoba nabo behlomule ngezindondo eminxeni abebeqokwe kuyo.
UKhuzani uqhubekile nokuqopha umlando ngokuba umculi kamaskandi wokuqala ukuhlomula ngendondo yeMetro FM Award njengoba egoduke neBest Maskandi nobekuwumunxa wokuqala ukuba khona kulo nyaka kulo mcimbi.
Umafikizolo uphenduke undabamlonyeni egoduka nendondo yeSong Of The Year ngengoma yakhe ethandwa ngabaningi esihloko sithi Uyoncengwa Unyoko.
Inkakha yomculi kamaskandi iHhash’ Elimhlophe uhlonishwe ngendondo yeLifetime Achievement Award kwathi uWilson B Nkosi ongumsakazi weMetro FM wahlonishwa ngeyeLong Service Award njengoba selokhu aba kulo msakazi kusukela uqala ukungena emoyeni ngo-1986.

Nalu uhlu lwabanye babaculi abaklonyelisiwe kulo mcimbi.
Best Jazz – Paras Sibalukhulu Dlamini
Best RnB – Una Rams
Best African Pop – Ladysmith Black Mambazo, Mbuso Khoza noNduduzo Makhathini
Best Kwaito and Gqom – DJ Tira
Best Gospel – Musa Yende
Best Styled Artist – Musa Keys
Best Music Video- Sam Deep
hip hop – Stogie T
Best Female Artist – Shandesh
Best Male – Ciza
Best Viral Challeng – Goon Flavour, Master KG no-Eemoh
Best Dance – Jazzworld noThukuthela, Mawhoo
Best Lekompo – Kharishma
Best Amapiano – Sam Deep







