Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuhlehlile ukugwetshwa kukaRosemary nozakwabo

Kuhlehlile ukugwetshwa kukaRosemary nozakwabo

by | 1 September 2026

UKUGWETSHWA kukamalugaju owayeyiphoyisa uNomia Rosemary Ndlovu nozakwabo abalahlwe yicala lokuzama ukubulala, kuhlehlele umhlaka 15 September.

UNdlovu noNomsa Mudau bebevele enkantolo yeSifunda yaseKempton Park, eGoli ngoLwesibili. Balahlwe yicala lokuzama ukubulala owayengumyeni kaMudau. Kuthiwa bathenga inkabi ukuthi isoconge owayengumyeni kaMudau kodwa yona yahamba yayomtshela ngetulo lokumbulala elihlelwe uNdlovu noMudau. Bobabili balahlwe yileli cala ngoMay nonyaka futhi bekulindeleke ukuthi bagwetshwe namuhla.

Bahamba leli cala nje uNdlovu uvele udonsa isigwebo sodilikajele abayisithupha neminyaka engu-125 ngamacala okubulala izihlobo zakhe ayezibhalise kumshwalense.

Walahlwa yilama cala wagwetshwa ngo-2021. Ngesikhathi salama cala ayebhekene nawo wayengundabamlonyeni njengoba kwakuvela namaVideo ehlela ukubulala izihlobo zakhe ayezibhalise kumshwalense. Iningi lazo waphumelela ukuzibulala kwabakhona nemali ayithola. Kwezinye izigameko wayezama nokuthenga amaphoyisa ayesebenza nawo ukuthi ambulalele izihlobo kodwa kwakhona aqoqa ubufakazi aphenduka ofakazi benakantolo.

Ezisematheni

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...