Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Mculo 9 Owe-gospel uzwakalisa iminjunju ngokudlula kuka-SD Gumbi

Owe-gospel uzwakalisa iminjunju ngokudlula kuka-SD Gumbi

by | 15 July 2025

ISIHLABANI somculi we-gospel u-Andile kaMajola sifanisa ukudlula emhlabeni kukaDkt SD Gumbi nokushonelwa nguyise osizalayo ngenxa yobudlelwano ebesinabo nalo mfundisi wodumo.

Izindaba zokudlula emhlabeni kukaMfu Gumbi zisabalale ngoMsombuluko kusihlwa kanti kusukela ezivelile ilokhu ingene njalo imiyalezo yenduduzo eqhamuka nxazonke okubalwa emabandleni ahlukene, kubaculi be-gospel, abamabhizinisi nosopolitiki.

UKaMajola ophinde abe ngumfundisi abendleni lakhe ungomunye wasebezwakalise ubuhlungu ngalezi zindaba.

Uchaze uGumbi njengoyise kwezikamoya njengoba ebengumbele wakhe ogwansile ezwini.

“Kimina ubengubaba ngezindlela ezahlukene njengoba bengihlale ngixhumana naye ngezinto eziningi ebengizena nalezo ebengidlula kuzona,” kusho uKaMajola.

Uthe uGumbi ubemkhulekela emyala futhi emkhuthaza noma ngabe usengene ebunzimeni obunjani.

“Ubehamba aze afike ekhaya uma ngingekho kahle emoyeni afike angibeke izandla angikhuthaze nebala ngikwazi ukudlula kunoma ngabe yini engithwalise kanzima,” kusho uKaMajola ekhumbula amazwi uGumbi awasho ngesikhathi emlethela incwadi yakhe yezingoma ebizwa ngokuthi Uhambo lwamaHubo.

“Ngesikhathi ngisika nale ncwadi wayibamba wabe esengibamba isandla wathi kanti ubehlalele ukubona lezi zimanga emanga emhlabeni esho eqonde le ncwadi esenhliziyweni yami.

Ngesikhathi ewasho la mazwi angihlaba umxhwele kanti njengoba sekwenze kanje sengiwathatha ngenye indlela ngoba kusho khona ukuthi ukwazile ukuyithinta ngesandla incwadi yami nakuba ebengasaboni emehlweni,” kusho uKaMajola ekuveza ukuthi kubuhlungu okwenzekile.

“Ngibonga ukuthi ukwazile ukubona iphupho lami njengendodana yakhe lifezeka lokukhipha le ncwadi equkethe izingoma engizibhalile,” kusho uKaMajola ohola ibandla i-All Nations Cathedral International Church.

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...