Ilanga News
Home 9 Featured 9 Indumezulu yomcimbi wokwemukela uSweet Guluva eKZN

Indumezulu yomcimbi wokwemukela uSweet Guluva eKZN

by | 28 March 2025

UZOKWEMUKELWA ngendumezulu yomcimbi ozoba sezinkundleni zemidlalo eNquthu, uSweet Guluva onqobe ohlelweni lukamabonakude iBig Brother Mzansi.

Kumenyezelwe ukuthi umcimbi wokwamukelwa kukaSweet Guluva ogama lakhe langempela
ngu-Akhonamathemba Mbhele, uzoba ngomhla
ka-5 Ephreli, kanti kulindeleke ukuba amukelwe yizinkumbi zabalandeli.

Kusukela ngeSonto kube nenhlokomo ezindaweni ezahlukene ngokunqoba kukaSweet Guluva, kwazise ubeyintandokazi kulolu hlelo obelukhonjiswa esiteshini esiyisipesheli iChannel 198, nangeSonto kusihlwa.

Kusukela emenyezelwe njengonqobile, abantu bebelokhu belangazelele ukubuya kwakhe KwaZulu-Natal, njengoba benentshisekelo yokuyomamukela esikhumulweni sezindiza eThekwini. NgoLwesithathu uSweet Guluva uphumele obala ngokuthi kunezingxoxo ezikhona zokuthi kube nomcimbi wokumamukela eNquthu.

Ekhuluma enkundleni yokuxhumana iTikTok ngoLwesithathu uGuluva uthe, usexoxile neMeya yaseNquthu uMnu Zama Shabalala mayelana nomcimbi wakhe.

UGuluva ubonge bonke abamvotelile nabamesekile ngesikhathi engaphakathi kulolu hlelo.

Ikhuluma kwi-video eqoshiwe iMeya uShabalala, iqinisekisile ukuthi impela zikhona izinhlelo zomcimbi kaGuluva eziqhubekayo. UShabalala unxuse abantu ukuba baphume ngobuningi ukuyokwamukela uGuluva osephenduke iqhawe eNingizimu Afrika, ikakhulukazi kubantu baKwaZulu-Natal.

UGuluva udalule ukuthi uzimisele ukungena emkhakheni wezokungcebeleka ngemuva kokunqoba kwakhe, waveza nokuthi uyazifela ngomculo nangokulingisa.

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...