Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ingcweti yeJazz ithi bagqemeke engeqiwa ntwala ngoFeya Faku

Ingcweti yeJazz ithi bagqemeke engeqiwa ntwala ngoFeya Faku

by | 29 June 2025

NGUMCULI weJazz ongasekho emhlabeni, uFeya Faku.


UNGOTI emculweni weJazz, uDkt Sibusiso Mashiloane, ongumculi weJazz nomengameli weSouth African Association for Jazz Education, uthe lo mkhakha ugqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni komculi weJazz obedumile, uFezile “Feya” Faku (63).

UMashiloane ongumculi weJazz, futhi ofundisa e-University of KwaZulu-Natal, ekhuluma eLANGA Lempelasonto ngoLwesine, uthe uFaku ubenethalente eliyisimanga lokudlala iTrumpet, futhi ekwazi ukungena khaxa kunoma yiluphi uhlobo lweJazz.

“Silimele kakhulu sonke ngoba kuningi ebesikufunda, nebesisazokufunda kuyena. Kuyethusa ukuthula koMnyango wezamaCiko kuzwelonke, ngoba uFaku ubenjengenxusa lezwe emazweni angaphandle, esebenzisa ithalente lakhe. Siyabonga nokuthi usishiye nebhuku lamaculo (song book) ezizokleza kulo izizukulwane ezizayo,” kusho uMashiloane.

UFaku udlule emhlabeni ngoMsombuluko, eSwitzerland, lapho ebenamakhonsathi khona. Kuthiwa umphefumulo wakhe uphume ezilalele. Kubikwa ukuthi akafikanga ukuyozilolonga (rehearse), okuthe uma ozakwabo beyombheka lapho ebelele khona, bathola ukuthi useshonile.

UMongezi Makhalima, ongumsunguli weMzantsi Jazz Awards, uthe impilo kaFaku iwubufakazi bokuthi uma ulihlonipha ikhono lakho, futhi ukholelwa kulona, lingakubeka ezindaweni obungakaze waphupha ngazo phambilini.


UFaku wazalelwa eNew Brighton, eGqeberha, e-Eastern Cape. Uqale ukudlala iTrumpet ngokuzifundela, wase esizwa ngabaculi bangakubo, iningi labo ababedlala iSaxophone, okube nesandla ekwehlukeni kwesitayela sakhe sokudlala.

Ngo-1988, waqala izifundo zomculo e-University of Natal, (manje esiyaziwa nge-UKZN), esizwa ngemali yiNational Association of Democratic Lawyers, wathola iJazz Diploma ngo-1992. Ngemuva kwalokho, akabange esabheka emuva njengoba edlale nezingwazi zeJazz emhlabeni, wahambela namazwe ahlukene.

Osaziwayo endimeni yomculo okubalwa kubona noBlack Coffee, babhonge emswanini ezinkundleni zokuxhumana ngokudlula emhlabeni kukaFaku. Bamchaza njengomuntu obenomoya ophansi.

Kulindeleke ukuba sibuye maduze isidumbu sikaFaku kuleli. Umndeni ucele ukunikwa isikhathi sokuzila ngasese, wathi uzomemezela maduze ngezinhlelo zesikhumbuzo nezomngcwabo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...