Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UMnyango wezeMfundo uphuthumisa ukuqashwa kothisha KwaZulu-Natal

UMnyango wezeMfundo uphuthumisa ukuqashwa kothisha KwaZulu-Natal

by | 15 April 2025

ULWA nokuvala izikhala zothisha ezivulekile ezikoleni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngokuphuthumisa uhlelo lokuqasha othisha abangasebenzi.

Emasontweni amabili adlule bekuqashwa ngokugcwele othishanhloko ezikoleni ebekade zinamabamba kanti kusukela kuMasingana (January) walo nyaka kuza kuMbasa (April), kuqashwe othisha abawu-1 530 abangekho ezikhundleni (Post Level 1).

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Sipho Hlomuka, uthi kuqashwe abafundisa izifundo ezithathwa njengezibaluleke kakhulu ezikoleni okwamanje. Phakathi kwalezo zifundo kubalwa iMaths, iMaths Literacy, Life Sciences, Physical Sciences, Accounting nezibizwa ngokuthi ama-technical Subjects. Uthi bazoqashwa maduze nabafundisa ezinye izifundo.

Uveze ukuthi izikhala zothisha eziwu-700 ebezikhangiswe nyakanye kuMandulo (September), sezigcwalisiwe kwaqashwa. Uthi uhlelo lokuqasha kulezo zikhala luphothulwe kuNdasa (March).
“Senzela ukuthi kungabi bikho izingane ezihleli emakilasini ngenxa yokuthi akekho uthisha. Siyazi baningi othisha abangasebenzi kodwa sesizamile ukuphungula, ” kusho uHlomuka.


Uthi kuvalwe izikhala zothisha abashonile, abasulile emsebenzini nabathathe umhlalaphansi.
“Izimali azikho kuhulumeni kuzwelonke kodwa esifundazweni sethu yithina esithwele kanzima kakhulu ngoba abantwana bethu baningi okusho ukuthi sidinga othisha abaningi njengoba okwamanje belinganiselwa ku-90 000 esinabo. Sinethemba lokuthi uyophela unyaka sesiqashe isibalo esiningi sothisha,” esho.


KwaZulu-Natal balinganiselwa ku-40 000 othisha abakwi-Data Base yomnyango wezemfundo abangaqashiwe abafundele ubuthishela. UHlomuka uthi basezingxoxweni nomgcinimafaka kazwelonke ukuze abandisele isabelomali. Ngakolunye uhlangothi kuyaqalwa mhlaka-19 kwephezulu ukuthunyelwa kwezicelo kwabafisa ukusebenza basize ezikoleni kuzovalwa mhlaka-30.

Lolu wuhlelo olusungulelwe abantu abasha abangasebenzi. Bawu-10 000 abazoqashwa KwaZulu-Natalie, bazohola u-R4000. Ngenyanga ezayo kuqalwa uhlelo lwenhlolokho nokulungiswa kwezinkontileka. Ukusebenza kwentsha kuzoqala mhlaka-9 kuNhlangulana (June). Ukuthumela isicelo, kusetshenziswa uhlelo lokungena online kule website :www.sayouth.mobi bese uvula account ugcwalise imibuzo.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...