Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kufunwa abanyamalale bephuma empophomeni KwaHlabisa

Kufunwa abanyamalale bephuma empophomeni KwaHlabisa

by | 31 December 2024

SIMUNCU isimo emndenini wakwaGina eMadonela eJozini kunyamalala amalungu amathathu kade eyogeza empophomeni.

Umphakathi namaphoyisa aphume inqina ukubheka uNkz Feziwe Gina (43) nezingane ezimbili uMeluthando Nyawo (5) noMfihlakalo Gina (6).

Ngokuthola kweLANGA amalungu omndeni wakwaGina awu-16 abesuka eJozini eya empophomeni eseMacekane kwaHlabisa ngoMsombuluko.

Kuthiwa laba abanyamalele bese beqedile ukungeniswa empophopmeni babe sebephindela ezimotweni abebehamba ngazo kodwa bangafika kuzona.

UNkz Sbongakonke Gina ongunina kaMfihlakalo okunguyena ubebafaka empophomeni, uthi udadewabo nezingane bangene kuqala emanzini okuthe uma beqeda wathi uphindela emotweni nezingane .

Uqhube uthi umndeni usuqedile wonke wabafica bengekho emotweni.

Uthi babheke ubusuku bonke bangoMsombuluko bangabathola baze bayobikela amaphoyisa.

Kucelwa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi noma obabonayo athinte uCapt Thulani Nene kule nombolo yocingo ethi 0723362621 noma umxhunisi emaphoyiseni aseMkhanyakude uCapt Justice Hlabisa kule nombo ethi 0825580130

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...