Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kufunwa abanyamalale bephuma empophomeni KwaHlabisa

Kufunwa abanyamalale bephuma empophomeni KwaHlabisa

by | 31 December 2024

SIMUNCU isimo emndenini wakwaGina eMadonela eJozini kunyamalala amalungu amathathu kade eyogeza empophomeni.

Umphakathi namaphoyisa aphume inqina ukubheka uNkz Feziwe Gina (43) nezingane ezimbili uMeluthando Nyawo (5) noMfihlakalo Gina (6).

Ngokuthola kweLANGA amalungu omndeni wakwaGina awu-16 abesuka eJozini eya empophomeni eseMacekane kwaHlabisa ngoMsombuluko.

Kuthiwa laba abanyamalele bese beqedile ukungeniswa empophopmeni babe sebephindela ezimotweni abebehamba ngazo kodwa bangafika kuzona.

UNkz Sbongakonke Gina ongunina kaMfihlakalo okunguyena ubebafaka empophomeni, uthi udadewabo nezingane bangene kuqala emanzini okuthe uma beqeda wathi uphindela emotweni nezingane .

Uqhube uthi umndeni usuqedile wonke wabafica bengekho emotweni.

Uthi babheke ubusuku bonke bangoMsombuluko bangabathola baze bayobikela amaphoyisa.

Kucelwa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi noma obabonayo athinte uCapt Thulani Nene kule nombolo yocingo ethi 0723362621 noma umxhunisi emaphoyiseni aseMkhanyakude uCapt Justice Hlabisa kule nombo ethi 0825580130

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...