Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Ingwadla kubashayeli bezimoto kunyuka uphethiloli nodizili

Ingwadla kubashayeli bezimoto kunyuka uphethiloli nodizili

by | 29 January 2025

NGEKE iqale kahle inyanga yothando kubashayeli bezimoto njengoba kulindeleke kunyuke uphethiloli nodizili.

Ngokubika kwe-eNCA imibiko yakamuva yeCentral Energy Fund inani likadizili linganyuka lifinyelele ngaphezulu kweshumi ilitha elilodwa kanti uphethiloli wona kubhekwe ukuthi unyuke ngo-90c ilitha.

Uparaffin wona kubhekwe ukuthi unyuke ngenani elicishe lifinyelele kwishumi nawo.

Kubikwa ukuthi lokhu kunyuka kwala manani kudalwa wukuntengantenga kwe-randi nokwenyuka kwenani likawoyela.

Kulindeleke ukuthi kumenyezelwe maduze ukunyuka kwala manani emphakathini njengoba kubhekwe ukuthi aqale ngomhla ka-5 kuFebruary.

Ezisematheni

Uyaxolisa umphathi weKZNA obonakale elwa nomgijimi

Uyaxolisa umphathi weKZNA obonakale elwa nomgijimi

UMENGAMELI weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uSteve Mkasi uthi uyazisola kakhulu ngokwenzekile lapho ebonakala kwiVideo elwa nomgijimi, egcwele ezinkundleni zokuxhumana. "Ngiyazisola kakhulu ngesenzo sami, sokuzithola ngikulesa simo obekuyinto ebengingayigwema. Ngibe...