Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izindaba Featured 9 Livukwe yisibibithwane ilungu lephalamende laseSwazini kumiswa umcimbi walo

Livukwe yisibibithwane ilungu lephalamende laseSwazini kumiswa umcimbi walo

by | 6 May 2025

LIVUKWE yisibibithwane lakhala ilungu lephalamende laseSwazini emuva kokuba kugasele amaphoyisa kahulumeni wakuleliya lizwe nomyalelo wokuba amise umcimbi ebeliwuhlelile.

UNkk Nomalungelo LaZwide-Simelane odume ngelikaMkhokheli, ube enomcimbi wokubonga ukwesekwa yizakhamizi zangakubo kaMkhweli, eSiphofaneni. Lo mholi uyinkosikazi kaMnu Mduduzi Simelane osekubhaceni ngemuva kokuba ngonyaka ka-2021 alifulathela elakwaNgwane ngesikhathi kusuka izibhelu, amalungu omphakathi ekhala ngesandla sensimbi esisetshenziswa wuhulumeni weNgonyama uMakhosetive ‘Mswati III’ Dlamini.

Abanye ababehambisana nemibono kaSimelane, okubalwa kubona noMnu Bacede Mabuza, babanjwa ngamaphoyisa, kuze kube yimanje basagqunywe ezitokisini.

Lo mcimbi umiselwe amatende endaweni yebandla lalo mndeni wakwaSimelane. Ngalo lomcimbi lo mholi ubezobonga aphinde adlulise izipho kubantu abadala. Ezinye zezipho bekukhona nezingubo zokulala obekufanele zinikwe abantu abadala ngenhloso yokubasiza njengoba kuyizikhathi zasebusika.

Ingxenye yamalungu omphakathi ivuke indlobane igxeka uhulumeni namaphoyisa. Umphathi-siteshi wamaphoyisa aseSiphofaneni utshele izethameli ukuthi bathole umyalelo wokuba bakuvimbe ukuqhubeka kwalo mcimbi ngoba kawugunyaziwe futhi kawubikwanga ekomkhulu lesizwe.

“Umcimbi wenzelwe endaweni yebandla. Mina angisiboni isidingo sokuthi ubuholi bendabuko buthi abubikelwanga ngomcimbi ngoba wenzele esontweni. Leli sonto lakhonzelwa ngokusemthethweni. Ibuhlungu lento abayenzayo ngoba lokhu kufakazela ukuthi elakwaNgwane kalikhululekile,” kusho ilungu elinye lamalungu omphakathi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...