Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ISishayamthetho sichitha uMbali Shinga

ISishayamthetho sichitha uMbali Shinga

by | 1 June 2026


ISISHAYAMTHETHO saKwaZulu-Natal sesibhalele obenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kwaBantu, uNkz Mbali Shinga olahlwe amacala kwiNFP, ukuthi siyaphoqeleka ukuthi simdilize emva kokulahlwa ngamacala eqenjini lakhe.


USomlomo wePhalamende, uNks Nontembeko Boyce ubhalele uShinga incwadi namhlanje emazisa ngalezi zindaba. Encwadini uveza ukuthi ubhalelwe nguNobhala weNFP ngokulahlwa kwakhe ngamacala ngaphakathi eqenjini, ecela ukuthi bamsuse esiShayamthetho. Ngaleso sizathu uthe bona njengesiShayamthetho abavumelekile ukungena ezindabeni zangaphakathi kumaqembu epolitiki kodwa kusuke kumele benze njengoba iqembu lisho ngelungu lalo.

Uphinde waveza ukuthi kunohlu olulethwe yiNFP kubona njengesiShayamthetho okuzomele bathathe kulona umuntu ozofungiswa ukuthi angene esikhundleni sakhe njengoba yena iqembu limkhipha. Uthe futhi abakwazi ukukuvimba lokho njengoba umthetho uthi uma ilungu seliphucwe ubulungu eqenjini lalo elimlethe ephalamende kumele balikhiphe.
Njengamanje uthe asikho isivimbelo senkantolo esikhona ukuthi aqhubeke enze njengoba ecelwa yiqembu.

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...