Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isexwayiso ngezikhukhula KwaZulu-Natal

Isexwayiso ngezikhukhula KwaZulu-Natal

by | 2 March 2025

IZANGOMA zezulu zakwaSouth African Weather Service (Saws) sezikhiphe isexwayiso sezimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu ezingxenyeni eziseNingizimu-Mpumalanga yeKwaZulu-Natal.

Nakuba bese zivele ziqalile izimvula ezingxenye ezithile zesifundazwe, kusukela namuhla ngeSonto ekuseni, iSaws ithi kulindeleke ukuthi ziqine kakhulu phakathi kuka-11:00 ekuseni no-23:00 ebusuku.

Izindawo okubhekwe ukuba zintinteke kakhulu ngezingaphansi komasipala oweTheku, owaseMkhambathini, iRay Nkonyeni, Umdoni nowaseMzumbe.

Lezi zimvula zingadala izikhukhula emigwaqweni nasezindaweni eziyimijondolo. Kunxuswa abantu abahlala eduze kwemifula/imihosha nabazokuba semigwaqweni ngalesi sikhathi ukuba baqaphele, abashayelayo bashayele ngokucophelela.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...