Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isexwayiso ngezikhukhula KwaZulu-Natal

Isexwayiso ngezikhukhula KwaZulu-Natal

by | 2 March 2025

IZANGOMA zezulu zakwaSouth African Weather Service (Saws) sezikhiphe isexwayiso sezimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu ezingxenyeni eziseNingizimu-Mpumalanga yeKwaZulu-Natal.

Nakuba bese zivele ziqalile izimvula ezingxenye ezithile zesifundazwe, kusukela namuhla ngeSonto ekuseni, iSaws ithi kulindeleke ukuthi ziqine kakhulu phakathi kuka-11:00 ekuseni no-23:00 ebusuku.

Izindawo okubhekwe ukuba zintinteke kakhulu ngezingaphansi komasipala oweTheku, owaseMkhambathini, iRay Nkonyeni, Umdoni nowaseMzumbe.

Lezi zimvula zingadala izikhukhula emigwaqweni nasezindaweni eziyimijondolo. Kunxuswa abantu abahlala eduze kwemifula/imihosha nabazokuba semigwaqweni ngalesi sikhathi ukuba baqaphele, abashayelayo bashayele ngokucophelela.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...