Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 Ugadle kwabebemhleka uLimit ebuya nge-albhamu entsha

Ugadle kwabebemhleka uLimit ebuya nge-albhamu entsha

by | 21 April 2026

UBUYELWE wukuzethemba umculi kamaskandi uSphesihle “Limit” Nala waKwaNxamalala, eNkandla, ethula ngokusemthethweni i-albhamu yakhe entsha esihloko esithi, “Number 10” ngoMgqibelo eWorkshop, eThekwini.

Emcimbini wakhe bekubuthene izinkumbi zabantu. ULimit uthi emlandweni womculo wakhe, kuyaqala ukuthi ezinsukwini eziwu-8 ekhiphe i-albhamu entsha, kube kuwukuthi izingoma ezintathu kuyona zihlanganise u-3 million wezibalo zabantu abazilalelile. Kulezi zingoma, ingoma ngayi- nye isihlanganise u-1 million.

Phakathi kwalezi zingoma, kubalwa kuzona ethi, Ngimbe Lomhlabathi, Unyoko ngeTray, nethi AmaBaffalo nama-Elephant. Utshele abezindaba ukuthi nakuba bekukhona abebethi usewile njengoba nyakenye engayikhiphanga albhamu entsha, akagxilanga ezinkulumweni zabo ezimbuyisela emuva, kodwa unake kakhulu laba abakholelwa ekhonweni lakhe.

“Bakhulumile abantu abaningi besho abakuthandayo, bethi seku- phelile ngami kanti akunjalo. Le albhamu yami ingiqophele umlando futhi kuyaqala ukwenzeka lokhu. Ngiyabonga kakhulu kubantu abangesekile, ngiyabathembisa ukuthi lo mculo wami bazowuthokozela,” kusho uLimit.

Kulo mcimbi wakhe utheleke ngendiza. Abantu kabakholwanga endiza emoyeni.
Echaza ngalokhu, uthe uma uyiciko kubalulekile ukuqhamuka namasu azophakamisa igama lakho. NgeSonto uhambele eJeppe, eGoli nakhona eyokwenza esifanayo. Uthi umkhankaso wakhe omkhulu wukuba umculo awuhambise kubantu.

Phakathi kwabaculi abebeyingxenye yomcimbi kubalwa uNjoko, uNtencane, uNjabulo Langa, uQuality Biyela nabanye.

Lo mculi uveze phambilini ukuthi, umculo wakhe ufuna ukuwukhangisa nakwezinye izifundazwe. Uncome izifundazwe i-Eastern Cape ne-Western Cape eKapa, ngokukhokha kahle uma ziqashe iciko emicimbini yazo. Uthi amaciko asekwa ngeqiniso kulezi zifundazwe, iyahlonishwa imisebenzi yawo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...