Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

by | 28 August 2026

UMENYEZELWE njengozomela iDemocratic Alliance esikhundleni sobumeya eMhlathuze, uRob Bentele (osezithombeni) owazakhela udumo enqoba ohlelweni lukamabonakude iSurvivor South Africa.

UBentele uzakhele udumo ngo-2019 enqoba kulolu hlelo obelukhonjiswa esiteshini esikhokhelwayo iMnet.

NgoLwesine iDA imemezele uBentele njengozoyimela kwesobumeya uma inqoba ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuNovemba.

Leli qembu liphinde lamemezela uMnu Leon Garbade, njengozolimela kwesobumeya kuMasipala iRay Nkonyeni.

Leli qembu ngesikhathi limemezela laba baholi, lithe umgomo elibabekele wona ucacile njengoba lihlose ukuhlenga labo masipala, bese livuselela konke okulahlekile noma okonakele.

Ngesikhathi ememezela ukuthi usengena kwipolitiki ekuqaleni kwalo nyaka uBentele, uveze ukuthi phambilini ubeziqhelelanisa nepolitiki ngenxa yokubona idala ukuthi uqhekeko emphakathini.

Wathi kwesinye isikhathi kubalulekile ukuthi usukume kube khona okwenzayo
ukwenza umehluko ngesimo esikhona.

 Ephawula ngemuva kokumenyezelwa kwakhe uBentele, uthembise ukubeka abantu baseMhlathuze phambili. Uthe usekhathele wukubona bephila impilo yokupatanisa.

Uqhube wathi uMasipala uMhlathuze unethuba lokukhula. Uthe ukuba yimeya kusho ukuthi zonke izinqumo ozithathayo ubeka abantu phambili, ngoba zisuke zithinta bona ngqo.

“I-DA iyaziwa ngokuba yiqembu elihamba phambili ngokwenza kahle ekuphatheni omasipala eNingizimu Afrika, ngakho nami ngizongena kulezo zicathulo, ngiqhubeke nerekhodi elihle leli qembu eselizakhele yona kule minyaka,” echaza

Ezisematheni

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UVUKWE yisibibithwane, wafikelwa yisiyezi  uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. Inkantolo ivune iqembu lakhe ngokubhaliswa kwamagama okumele abesohlwini lwalabo abagaqele...

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala. Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini...