Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

by | 28 August 2026

IQEMBU iNkatha Freedom Party (IFP), kwaZulu-Natal ligxeka isigameko sokushaywa kulinywazwe amalungu aleli qembu amathathu, abekhankasa eZingolweni, kwaNyuswa, kuWard 34.

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi amavolontiya e-IFP ekhankasa ngeSonto kule ndawo. Laba abebenza lokhu baphinde bachapha lama volonyiya ngenhlamba, yize abekhombisa ukuthi awahambisani nalokhu obekwenzeka. Icala lokushaywa kwalama lunga livuliwe emaphoyiseni akule ndawo futhi iqembu liyakwamukela ukuvulwa kwalo.

I-IFP ithe lokhu akukhona ukuhlasela okubhekiswe emalungwini e-IFP kuphela kodwa kubhekiswe nakwintando yeningi nenkululeko.

“Njengoba sibheke okhethweni lohulumeni basekhaya ngoNovember 4, ayixoleleki indaba yokuthi kuzoba nezindawo ezithathwa ngokuthi o-‘alubhadwa’ ngenxa yepolitiki. Kuyamangaza ukuthi emva kweminyaka engu-32 yenkululeko kusekhona abantu abakholelwa ekutheni bazosebenzisa ipolitiki ngale ndlela.  I-IFP iyakholelwa ekubekezelaneni kwezepolitiki nokwenza konke ngokukhululeka ngaphandle kokubheka ukuthi ukuliphi iqembu,” kusho isitatimende.

Ngenxa yalesi simo, uSihlalo we_IFP kwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, unxusa ukuthi kube nezingxoxo zokubuyisana komphakathi ezizoba seZingolweni, kwaNyuswa. Ngokwezinhlelo zikaSihlalo, izingxoxo zizohlanganisa umphakathi nobuholi bomdabu, obezepolitiki, obamabandla nezomthetho.

Ngalezi zingxcoxo kuzobe kuzodingidwa indaba yokungabekezelelani kwezombusazwe endaweni.

Ezisematheni

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

IMITHI yesintu iyingxenye yempilo yabamnyama. Kwesinye isikhathi uyaye uthole ukuthi abanye baze bangabaze ukusebenzisa imithi yasentshonalanga, ngenxa yokukholelwa ekutheni isebenza kangcono eyesintu.Kusukela mhla ka-26 kuya kumhla ka-31 August, kusuke kubungazwa...

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

UMENYEZELWE njengozomela iDemocratic Alliance esikhundleni sobumeya eMhlathuze, uRob Bentele (osezithombeni) owazakhela udumo enqoba ohlelweni lukamabonakude iSurvivor South Africa. UBentele uzakhele udumo ngo-2019 enqoba kulolu hlelo obelukhonjiswa esiteshini...

Uzovulwa ngedili lokuqhakambisa amasiko uMandulo

Uzovulwa ngedili lokuqhakambisa amasiko uMandulo

IZOVULWA ngedili elixube umculo, umcimbi wezinkondlo, izinganekwane nokuqhakanjiswa kokudla kwesintu, inyanga yokuqhakanjiswa kamasiko namagugu eNingizimu Afrika. Inyanga kaSepthemba izokwamukelwa ngomcimbi obizwa ngokuthi yiMandulo Heritage Festival, ozoba seThe...