Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

by | 28 August 2026

IQEMBU iNkatha Freedom Party (IFP), kwaZulu-Natal ligxeka isigameko sokushaywa kulinywazwe amalungu aleli qembu amathathu, abekhankasa eZingolweni, kwaNyuswa, kuWard 34.

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi amavolontiya e-IFP ekhankasa ngeSonto kule ndawo. Laba abebenza lokhu baphinde bachapha lama volonyiya ngenhlamba, yize abekhombisa ukuthi awahambisani nalokhu obekwenzeka. Icala lokushaywa kwalama lunga livuliwe emaphoyiseni akule ndawo futhi iqembu liyakwamukela ukuvulwa kwalo.

I-IFP ithe lokhu akukhona ukuhlasela okubhekiswe emalungwini e-IFP kuphela kodwa kubhekiswe nakwintando yeningi nenkululeko.

“Njengoba sibheke okhethweni lohulumeni basekhaya ngoNovember 4, ayixoleleki indaba yokuthi kuzoba nezindawo ezithathwa ngokuthi o-‘alubhadwa’ ngenxa yepolitiki. Kuyamangaza ukuthi emva kweminyaka engu-32 yenkululeko kusekhona abantu abakholelwa ekutheni bazosebenzisa ipolitiki ngale ndlela.  I-IFP iyakholelwa ekubekezelaneni kwezepolitiki nokwenza konke ngokukhululeka ngaphandle kokubheka ukuthi ukuliphi iqembu,” kusho isitatimende.

Ngenxa yalesi simo, uSihlalo we_IFP kwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, unxusa ukuthi kube nezingxoxo zokubuyisana komphakathi ezizoba seZingolweni, kwaNyuswa. Ngokwezinhlelo zikaSihlalo, izingxoxo zizohlanganisa umphakathi nobuholi bomdabu, obezepolitiki, obamabandla nezomthetho.

Ngalezi zingxcoxo kuzobe kuzodingidwa indaba yokungabekezelelani kwezombusazwe endaweni.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...