Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 “Izindawo zokungcebeleka ziyadingeka ezindaweni zasemakhaya” – Mkhwanazi

“Izindawo zokungcebeleka ziyadingeka ezindaweni zasemakhaya” – Mkhwanazi

by | 22 April 2025

UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt. General Nhlanhla Mkhwanazi uthi akwakhiwe izindawo zokungcebeleka ezihlelekile ezindaweni zasemakhaya, ukuze abantu abasha basuke otshwaleni, ezidakamizweni, nasebugebengwini.

UNdonga, ubekhuluma emcimbini weSports Against Crime Easter Tournament, eMgungundlovu. Wethule inkulumo kubantu abasha ababalelwa ku- 2 500 abebethamele lo mcimbi.


“Kuyadabukisa ukubona abantu abasha nabancane becwile etshwaleni, nasezidakamizweni ngenxa yokuthi bathi banesizungu. Uma kwakhiwa izindawo zokungcebeleka, ezihlelekile kuzothi uma kuvalwe izikole, babe lapha bazivocavoce, badlale, bajabule. Ukwanda kwabantu abancane, abagcwala emajele kungumphumela wokuthi bawuvanzi, abenzi izinto ezizobenza bahlale bematasa,’ esho.


Umcimbi ukhuthaza intsha ukuthi igxile kwezemidlalo ngoba uthi siyakhula isibalo sabahlala emgwaqweni, bagcine sebengama”phara”.
menzi.jele@ilananews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...