Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 “Izindawo zokungcebeleka ziyadingeka ezindaweni zasemakhaya” – Mkhwanazi

“Izindawo zokungcebeleka ziyadingeka ezindaweni zasemakhaya” – Mkhwanazi

by | 22 April 2025

UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt. General Nhlanhla Mkhwanazi uthi akwakhiwe izindawo zokungcebeleka ezihlelekile ezindaweni zasemakhaya, ukuze abantu abasha basuke otshwaleni, ezidakamizweni, nasebugebengwini.

UNdonga, ubekhuluma emcimbini weSports Against Crime Easter Tournament, eMgungundlovu. Wethule inkulumo kubantu abasha ababalelwa ku- 2 500 abebethamele lo mcimbi.


“Kuyadabukisa ukubona abantu abasha nabancane becwile etshwaleni, nasezidakamizweni ngenxa yokuthi bathi banesizungu. Uma kwakhiwa izindawo zokungcebeleka, ezihlelekile kuzothi uma kuvalwe izikole, babe lapha bazivocavoce, badlale, bajabule. Ukwanda kwabantu abancane, abagcwala emajele kungumphumela wokuthi bawuvanzi, abenzi izinto ezizobenza bahlale bematasa,’ esho.


Umcimbi ukhuthaza intsha ukuthi igxile kwezemidlalo ngoba uthi siyakhula isibalo sabahlala emgwaqweni, bagcine sebengama”phara”.
menzi.jele@ilananews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...