Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘UMchunu wasetshenziswa ngabantu abanezinhloso ezimbi’

‘UMchunu wasetshenziswa ngabantu abanezinhloso ezimbi’

by | 22 March 2026

UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, wethule ubufakazi ngencwadi eyabhalwa ngesandla yisiboshwa ebesigqunywe esitokisini noMnu Vusimuzi ‘Cat” Matlala.

UMkhwanazi nguyena mvusi wenyamazane, njengoba kunguyena owabiza isithangami sabezindaba ngomhla ka-6 kuNtulikazi (July), ngonyaka odlule, ekhononda ngokugxambukela kosopolitiki ekusebenzeni kwamaphoyisa. Nguyena obengufakazi wokugcina ekomidini lasePhalamende, eliphenya ngezinsolo azenza. Bawu-30 abantu abafakaze kuleli komidi selokhu lasungulwa ngoNtulikazi wangonyaka odlule. 

UMkhwanazi uthi selokhu enza lezi zinsolo, bekunemizamo eminingi yokudicilela phansi isithunzi sakhe, njengoba avulelwa icala nguSamkeliso Mlotshwa waseMpumalanga, othi washaywa kanzima ngamaphoyisa, uMkhwanazi ekhona, futhi kunguyena owakhipha umyalelo wokuba ashaywe.

UMkhwanazi uthe lowo Mlotshwa, wayefike nelungu lePhalamende, uMnu Fidel Adams, esiteshini samaphoyisa ngesikhathi evula icala, eCape Town. Kukhishwe incwadi ebhalwe ngesandla, athi uMkhwanazi wayinikwa ngumzala wakhe, ohlala eGauteng, eyayibhalwe yisiboshwa esasisegunjini elilodwa noMatlala.

“Ezinye izinto ezibhalwe kule ncwadi, zingenza ngizikholwe izinto ezishiwo kuyo, ngoba iphatha nomhlangano engaba nawo noMatlala, ngoMbasa (April) 2025, eMhlanga, okuyinto engingakaze ngiyithinte ngivele kuleli komidi okokuqala. Iphatha nokuthi uMatlala wayenxenxwa ukuba axhase ngemali umkhankaso kaMnu Senzo Mchunu, wokuthi abe ngumengameli we-African National Congress (ANC), engqungqutheleni ka-2027, lokhu ayekwenza ngokuxhunyaniswa noMatlala nguMnu Brown Mogotsi, ongusomabhizinisi waseNorth West.

“Isiboshwa esabhala le ncwadi, sasifuna ukuyinika uNhlamulo oyilungu leMK Party, kodwa kwatholakala ukuthi wayeseCape Town ngaleso sikhathi, yagcina isinikwe uyise kaNhlamulo, owayidlulisela kumzala wami, okunguyena onginike yona,” kuchaza uMkhwanazi.

Uthe usamile ekutheni uNgqongqoshe wamaPhoyisa, owanikwa ikhefu eliyisipesheli, uMnu Senzo Mchunu, wasetshenziswa ngabantu abanezinhloso ezimbi, abanjengoMatlala noMogotsi. 

“UNgqongqoshe uMchunu, wahlakaza iPKTT engakhulumanga nami, ekubeni yimina enginguKhomishana wamaphoyisa eKZN. Kwala noma sengihlela ukuhlangana naye uMchunu, sixoxe ngalokhu, kodwa wangibalekela ngaze ngacela uCedric Nkabinde, iChief of Staff eHhovisi lakhe, ukuthi makahlele umhlangano, kodwa akwenzekanga lokho. 

“IPKTT, yize yayizinze eKZN, kodwa yayinyathela emsileni ngokuyophenya imigulukudu eseGauteng, namaphoyisa asiza abashushumbisa izidakamizwa emingceleni yakuleli zwe,” kulandisa uMkhawnazi.

Seliqedile iKomidi lasePhalamende ebelilalele ubufakazi njengoba beligoqa ngoLwesithathu. Umbiko uzokwethulwa nguSihlalo walo uMnu Soviet Lekganyane, kuSomlomo uNkk Thoko Didiza, yena awedlulisele kuMengameli uCyril Ramaphosa.

IKhomishini kaJaji uMbuyiseli Madlanga, ephenya ngezinsolo ezifanayo, isaqhubeka yona ukulalela ubufakazi.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...