Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 INingizimu Afrika Isiyihlomele i-Ebola

INingizimu Afrika Isiyihlomele i-Ebola

by | 22 October 2026

UNGQONGQOSHE wezeMpilo, eNingizimu Afrika, uDkt Aaron Motsoaledi uthi izwe selimi ngomumo, lihlomele ukubheduka kwesifo se-Ebola.


Kuthiwa lesi sifo, sesibulale abantu abaningi, emazweni ase-Afrika. IDemocratic Republic of Congo (DRC), yiyona efelwe ngabantu abaningi, ngoba sesibulale abangu-4 600, selokhu sibhedukile.


Amazwe ahlaselwe yi-Ebola, yiNigeria, yiKenya, ne-Uganda. UDkt Motsoaledi, uthi yize singabakikwa lapha eNingizimu Afrika, kodwa abasemkhakheni wezempilo, sebeqeqeshiwe ukubhekana naso, uma kwenzeka sibheduka.


“Sihlonze izibhedlela ezingama-24, zikahulumeni, eziyi-12 ezizimele. Izisebenzi zezeMpilo, esiziqeqeshele ukubhekana nalesi sifo, zingu-4 000, ezibhedlela zikahulumeni, kanti zingu-900, ezibhedlela ezizimele.


“Uma kukhona abantu abafikayo kuleli zwe, noma abahaqwa yilesi sifo, bazothola ukwelashwa kuzona lezizibhedlela,’ esho.
IWorld Health Organization (WHO), isithumele abacwaningi, nabelaphi, abaqeqeshelwe ukwelapha lesi sifo se-Ebola, ngoba kuthiwa siyabulala, uma singasukunyelwa.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...