Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izophuma mhla ka-14 imiphumela kamatikuletsheni

Izophuma mhla ka-14 imiphumela kamatikuletsheni

by | 1 January 2025

UMNYANGO wezeMfundo, oholwa nguMnu Sipho Hlomuka, usuqinisekise ukumenyezelwa kwemiphumela amatikuletsheni ngomhla ka-14 kwephezulu.

Umcimbi wokuhlonipha abafundi abenze kahle kunabo bonke KwaZulu-Natal, uzobanjelwa e-ICC, ngo-8 ekuseni, ngawo umhla ka-14.

UNdunankulu uMnu Thami Ntuli naye uzokube eyingxenye yalo mcimbi obhekwe ngabomvu ngabazali nabafundi abebenza umatikuletsheni ngonyaka odlule.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...