Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzobanjwa inhlambuluko eNdlunkulu kaZulu

Kuzobanjwa inhlambuluko eNdlunkulu kaZulu

by | 20 August 2025

 

IZOKHUMELANA umlotha iNdlunkulu yesizwe samaZulu. Lokhu kuvezwe yisitayimende esikhishwe nguMntwana uThulani Zulu, okhulumela iNdlunkulu neSilo esibusayo uMisuzulu kaZwelithini. 

Ngokwesitatimende, kuvela ukuthi kubizwe zonke izindlu zasendlunkulu ukuba ziphelele emhlanganweni ozokuba ngoLwesine, ngehora leshumi naye emini. 

Kulo mhlangano kubizwe amakhanda ezindlu nazo zonke izindlu zasendlunkulu. Ukubanjwa kwalo mhlangano kulandela inkulumo eyasabalala ezinyangeni ezedlule, lapho khona kwezwakala iphimbo leSilo lixabana nelinye ilungu lesifazane lomndeni wasendlunkulu.

“Umphumela walesi simo kwaba wukushintshisana ngamagama angemahle ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana kwaze kwachaphazeleka nomkhwenyana wasendlunkulu. Emuva kokuhlala kwendlunkulu, kulungiswa lolu daba izigaba ngezigaba, indlunkulu ifinyelele ekutheni kudlulelwe esigabeni senhlambuluko,” kusho isitatimende. 

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...