Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzobanjwa inhlambuluko eNdlunkulu kaZulu

Kuzobanjwa inhlambuluko eNdlunkulu kaZulu

by | 20 August 2025

 

IZOKHUMELANA umlotha iNdlunkulu yesizwe samaZulu. Lokhu kuvezwe yisitayimende esikhishwe nguMntwana uThulani Zulu, okhulumela iNdlunkulu neSilo esibusayo uMisuzulu kaZwelithini. 

Ngokwesitatimende, kuvela ukuthi kubizwe zonke izindlu zasendlunkulu ukuba ziphelele emhlanganweni ozokuba ngoLwesine, ngehora leshumi naye emini. 

Kulo mhlangano kubizwe amakhanda ezindlu nazo zonke izindlu zasendlunkulu. Ukubanjwa kwalo mhlangano kulandela inkulumo eyasabalala ezinyangeni ezedlule, lapho khona kwezwakala iphimbo leSilo lixabana nelinye ilungu lesifazane lomndeni wasendlunkulu.

“Umphumela walesi simo kwaba wukushintshisana ngamagama angemahle ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana kwaze kwachaphazeleka nomkhwenyana wasendlunkulu. Emuva kokuhlala kwendlunkulu, kulungiswa lolu daba izigaba ngezigaba, indlunkulu ifinyelele ekutheni kudlulelwe esigabeni senhlambuluko,” kusho isitatimende. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...