
USEFAKE uphenyo oluphuthumayo ngezinkinga ezikhungethe umasipala wesiFunda iZululand, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ngenxa yokungaholi kwezisebenzi zalo masipala.
Ungqongqoshe usezwakalise ukushaqeka ngokwenzeka kulo masipala, njengoba kuphele usuku lwayizolo ngeSonto, izisebenzi zingayitholile imiholo yakule nyanga, uMandulo (September). Useyalele inhloko yomnyango wakhe, uMnu Scelo Duma, ukuziphenya lezi zinsolo.
Ngokwesitatimende esikhishwe wumnyango, siveza ukuthi ungqongqoshe uzobathathela izinyathelo ezinzima abathintekayo ekutheni umasipala wehluleke wukukhokhela izisebenzi zawo.
Okhulumela uMnyango uMnu Sboniso Mngadi, uthe: “Le mibiko imshaqise kakhulu ungqongqoshe. Ngakho-ke uphenyo oluphuthumayo luzoqinisekisa ukuthi ungqongqoshe uyangenelela ukuze umkhandlu ukhokhele izisebenzi imali yazo engakapheli amahora awu-48,” esho.
UButhelezi uthe ngeke akwazi ukungawusukumeli noma ngabe yimuphi umasipala ongawahloniphi amalungelo ezisebenzi. Kwenzeka lokhu nje, nakumasipala waseMpendle kwenzeke esifanayo emasontweni adlule, njengoba bese kunesikhathi eside izisebenzi zikhala ngokuthi kaziholile ngenxa yezinkinga zemali. Izinkinga zakhona kulo masipala zilungiswe nguyena uNgqongqoshe uButhelezi.







