Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuxwayiswa umphakathi ngamakhondomu omgunyathi asabalele

Kuxwayiswa umphakathi ngamakhondomu omgunyathi asabalele

by | 21 January 2025

UMNYANGO wezeMpilo usukhiphe isexwayiso ngamakhondomu awumgunyathi asesababelele kuleli njengoba unxusa umphakathi ukuthi uhlale umehlomane futhi ubike uma kukhona abawabona esolisa.

Ngokubika kweSABC ibamba lePhini loMqondisi Jikelele kulo myango elibhekelela izinhlelo zezempilo uRamphelane Morewane uthe udaba lwala makhondomu luqale ukusabalala ngesikhathi samaholidi kaDecember.

Uthe baqale ukuzwa kukhulunywa ngawo ngoDecember kanti sebeqala ukukhathazeka njengoba egcwele kakhulu esifundazweni iGauteng.

Unxuse umphakathi ukuthi uthembele kakhulu kumakhondomu akhiqizwa wuhulumeni njengoba etholakala kuzona zonke izindawo zezempilo kuleli nalezo ezigcwala umphakathi.

Uxwayise ngokuthi abantu bangathengi amakhondomu kunoma iziphi izindawo eziwathengisayo njengoba ziningi kodwa eziwadayisayo kodwa amanye awo awugunyaziwe ukuba athengiswe kuleli.

Uqhube ngokuthi uma kukhona isidingo sokuthi bathole amakhondomu kungakuhle bathembele kulawo kahulumeni.

UMorewane uthe basebenza nezinkampani ezizimele ukuzama ukuqinisekisa ukuthi bayawanqanda la makhondomu angaze asabalale izwe lonke ngoba angase abe nobungozi futhi abeke impilo zabantu engcupheni.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...