Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuxwayiswa umphakathi ngamakhondomu omgunyathi asabalele

Kuxwayiswa umphakathi ngamakhondomu omgunyathi asabalele

by | 21 January 2025

UMNYANGO wezeMpilo usukhiphe isexwayiso ngamakhondomu awumgunyathi asesababelele kuleli njengoba unxusa umphakathi ukuthi uhlale umehlomane futhi ubike uma kukhona abawabona esolisa.

Ngokubika kweSABC ibamba lePhini loMqondisi Jikelele kulo myango elibhekelela izinhlelo zezempilo uRamphelane Morewane uthe udaba lwala makhondomu luqale ukusabalala ngesikhathi samaholidi kaDecember.

Uthe baqale ukuzwa kukhulunywa ngawo ngoDecember kanti sebeqala ukukhathazeka njengoba egcwele kakhulu esifundazweni iGauteng.

Unxuse umphakathi ukuthi uthembele kakhulu kumakhondomu akhiqizwa wuhulumeni njengoba etholakala kuzona zonke izindawo zezempilo kuleli nalezo ezigcwala umphakathi.

Uxwayise ngokuthi abantu bangathengi amakhondomu kunoma iziphi izindawo eziwathengisayo njengoba ziningi kodwa eziwadayisayo kodwa amanye awo awugunyaziwe ukuba athengiswe kuleli.

Uqhube ngokuthi uma kukhona isidingo sokuthi bathole amakhondomu kungakuhle bathembele kulawo kahulumeni.

UMorewane uthe basebenza nezinkampani ezizimele ukuzama ukuqinisekisa ukuthi bayawanqanda la makhondomu angaze asabalale izwe lonke ngoba angase abe nobungozi futhi abeke impilo zabantu engcupheni.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...