Ilanga News
Home 9 Featured 9 Injabulo kumfundi waseThekwini ngomfundaze wesikole sika-Oprah

Injabulo kumfundi waseThekwini ngomfundaze wesikole sika-Oprah

by | 6 December 2024

NGU-OLWAMI Mzobe oyofunda e-Oprah Winfrey Leadership Academy for Girls, eGoli.
UMTHWEBULI NGU: NHLANHLA GUMEDE

SKHOSIPHI MTHEMBU

IPHINDEKE kabili injabulo kumzali indodakazi yakhe yamukela umklomelo wokuqwaqwada bonke abafundi esikoleni esethola ucingo oluyamukela esikhungweni semfundo yamabanga aphakeme sika-Oprah Winfrey.
Wehluleka nawukuzibamba uNkz Nondumiso Mhlongo ongunina ka-Olwami Mzobe othole ithuba lokuyofunda e-Oprah Winfrey Leadership Academy for Girls, eGoli. U-Olwami – obenza u-grade 7 eWindy Heights Primary School, eMalukazi – uthole leli thuba emuva kokuhlabana ngokuba ngumfundi ovelele ngeledlule emcimbini obewubanjelwe eManzimtoti Civic Centre.
Lo mfundi uqhamuka emndenini ongamile kahle njengoba befihla ikhanda koLindela, okuyizindlwana ezincane zamabhodi.

Nokho ukwaze ukulwa nazo zonke izingqinamba aphuma ngaphansi kwazo njengoba eseyolindizisa eGoli ifulegi laseWindy Heights Primary ngonyaka ozayo.
U-Olwami uthola leli thuba nje, kungenxa yokuzimisela kwakhe njengoba egila izimanga ezifundweni zakhe kusukela eqalile kulesi sikole. Ngeledlule wamukele umklomelo weDux esikoleni, otholwa ngumfundi osuke ebaqwaqwade bonke emakhanda ngalowo nyaka.

Akagcinanga ngokuphuma phambili kodwa uklonyeliswe nange-laptop ezomsiza njengoba eseyofunda esikoleni sika-Oprah. U-Olwami uqale ukufunda kulesi sikole eminyakeni ewu-7 edlule eyoqala u-grade R kanti unina akasebenzi, uphila ngesibonelelo sikahulumeni.
UNkz Thembekile Makhanya onguthishanhloko wakulesi sikole, uthe eqala ukubona u-Olwami, ubeyingane ezithulelayo futhi enganakekile esikoleni. Uthi uqale ukubona ukuhlakanipha kwakhe ngesikhathi benza inhlolokhono yomholi wabafundi (head girl). Uthi indlela abeqaqeke ngayo, imumangazile kanti akazange angabaze ukuthi nguyena ozodla ubhedu. Uthi ngisho imiphumela yakhe ibimihle kakhulu kanti kuthe uma kuvela ithuba lokuba afake isicelo kulesi sikole sika-Oprah, wacabanga yena u-Olwami.


“Ezintweni ebezifuneka bekubalwa owenza kahle kwiMaths nakwi-English. Amamaki abefuneka u-Olwami ubenawo ngabe sengibona ukuthi mangimufakele isicelo njengoba ngisazi isimo aqhamuka ngaphansi kwaso. Kuhambe isikhathi abalesi sikole basebexhumana nomndeni wakhe. Benze zonke izimfanelo okubalwa ukumvakashela kubo beyobheka isimo sakhe, babheka nemiphumela yakhe kwaze kwaba bayamamukela esikoleni,” kusho uNkz Makhanya.
Uthi uziqhenya kakhulu ngo-Olwami njengoba eyingane yokuqala ngqa kulesi sikole ezoyofunda esikoleni i-Oprah Winfrey.

Uphinde wagqugquzela nabanye abazali ukukhuthaza izingane zabo ukufunda.
Unina ka-Olwami, uthi namanje akakholwa ukuthi indodakazi yakhe ithole leli thuba. Uthi ucingo lokuthi iyamukelwa uluthole indodakazi yakhe isanda kwamukela le ndondo yokuzedlula zonke izingane esikoleni.
“Ucingo lungene ngisemcimbini lapho iqokwe khona njemgomfundi obaqwaqwade bonke. Ngesikhathi ngizwa ukuthi ingane yami kungenzeka iye kulesi sikole, kwaba buhlungu kimina ngoba lokhu bekusho ukuthi sizohlukana nayo, ngingayiboni. Kodwa-ke kuthe ekuhambeni kwesikhathi ngabona indlela ebijabule ngayo, ngaqala ukwamukela.

“Uma ngimubuza, ubesho ukuthi ufuna ukufeza iphupho likayise lokuyofunda e-boarding school. Ngijabule kakhulu ngaleli thuba ngoba bengingenawo amandla okumfundisa esikoleni esiphambili ngale ndlela. Konke okumayelana nezindleko zendiza nakho konke okunye kuzokhokhelwa yibo. Ngijabule kakhulu,” kusho uNkz Mhlongo.
Ubonge othisha baseWindy Heights ikakhulukazi uthisha wakhe uNkk Nelisiwe Ncayiyana, athe ubehlezi emuthandazisa ukuba ingane yakhe iphumelele kanjalo nothishanhloko ngokuzikhandla kwakhe ukuqinisekisa ukuthi ingane yakhe ithola leli thuba.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...