KUBOSHWE owokufika eNingizimu Afrika osolwa ngokushaya iphoyisa ngetshe ngesikhathi kusuka isixakaxaka phakathi kwamaphoyisa namalungu eMarch and March, emgwaqweni uChe Guevara owaziwa ngoMoore Road eThekwini ngoLwesine.
Isigameko senzeke ngesikhathi kugagazisana amalungu eMarch and March namaphoyisa. AbeMarch and March bebemasha kule ndawo ngenhloso yokuzohlanza umgwaqo basuse abokufika abahlala ngasemaHhovisi oMnyango wezaseKhaya obhalisa abokufika kuleli. Abokufika kuthiwa sekunesikhathi bekhempile ngasemahhovisi omnyango wezaseKhaya, njengoba sebakhe nemijondolo yocwazi khona.

Bengakafiki kwabokufika abeMarch and March bavinjwe amaphoyisa ebathela ngesisi esikhalisa unyembezi. Amaphoyisa aphinde adubula ngezinhlamvu zenjoloba ebhekise kumalungu eMarch and March kwasuka umsindo.
ILANGA elifike kule ndawo lizibonele amalungu eMarch and March evinjwe ngamaphoyisa abephume ngobuningi. Abanye bebekhala ngephoyisa okuthiwa lifike langabuza lutho lafutha abantu ngesisi esikhalisa unyembezi.
Kulowo mnyama kuthiwa yilapho kujikijele abokufika bebhekise kumalungu eMarch and March kwalimala iphoyisa.
Akugcinanga ngokushaywa kwephoyisa kodwa kuphinde kwalimala nelungu leMarch and March okuthiwa lishaywe ngesitini emlonyeni ngowokufika odabuka eCongo.
Umholi eMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma naye ofike kule ndawo, uzamile ukukhuluma namaphoyisa kodwa abengafuni kuzwa lutho naye amvimba. Ugcine ethe naye uyovula icala ngoba kukhona amalungu ebo alinyaziwe.
Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko sokushaywa kwephoyisa. Uthe bekukhishwe amaphoyisa ukuyobheka isimo ngesikhathi abokufika namalungu eMarch and March bebhekene ngeziqu zamehlo kanti kuzogcina kushayeke iphoyisa lalimala kujikijelwana. Uthe okwamanje icala belingakabhaliswa kodwa baphezu kwezinhlelo zakho.
tndlovu@ilanganews.co.za







