Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Injabulo kuvulwa amanzi eMkhanyakude

Injabulo kuvulwa amanzi eMkhanyakude

by | 14 May 2025

BAKUFANISE nokuphuma eGibhithe izwe lobugqila bangena eKhenani izwe lesethembiso ukuvulwa kwesiphehli-manzi ngoLwesibili eMachibini, eJozini.

Besekuyisikhathi eside umphakathi wakule ndawo ungenawo amanzi. Lo msebenzi wokuvulwa kwalesi sigcina-manzi uvulwe ngokusemthethweni nguMnu David Mahlobo oyisekela likaNgqongqoshe wezaManzi neNhlanzeko kuzwelonke. Ubehambisana neziphathimandla zemikhakha eyahlukene okubalwa kuzona noMnu Siphile Mdaka oyiMeya yaseMkhanyakude. Ukwakhiwa kwale ngqalasizinda bekusingethwe yiwona umkhandlu uMkhanyakude ongunina womasipala abane okungowaseJozini, uMhlabuyalingana, uMtubatuba neBig 5 Hlabisa.

Ingxenye yamalungu omphakathi izwakalise injabulo ngokuvulwa kwalesi sikhungo. UNkz Ngwegwe Nyawo uthe kubethule umthwalo ukuvulwa kwaso. “Kube yinjabulo kithi ukuvulwa kwamanzi. Ingaphezulu kuka-30 iminyaka singenawo amanzi kule ndawo,” kusho yena.

UMnu Mahlobo uncome ukubambisana okuhle phakathi kwezinhlaka ezivela emaqenjini ahlukene. “Lezi yizithelo zokubambisana kwamaqembu ezombusazwe. Kuhle futhi kulungile ukuthi abaholi bamaqembu babeke phambili izidingo zomphakathi. Umphakathi udinga amanzi kawudinge zincazelo uma kufanele unikwe amanzi. Kuyathokozisa ukunithola nibambisene ngenhloso yokuba kusizakale umphakathi,” kusho uMahlobo.

UMnu Mdaka ubonge ukubambisana okuphakathi kwalo mkhandlu namakhosi ezizwe zaseMkhanyakude. “Inhloso yethu enkulu wukuthi idamu laseJozini libe yisixazululo senkinga yamanzi kubona bonke abantu baseMkhanyakude. Konke lokhu kuyizithelo ezinhle zokusebenzisana okuhle namakhosi ezizwe njengoba lolu hlelo luzosiza imiphakathi yezizwe ezimbili,” kuphetha uMdaka.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...