Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Injabulo kuvulwa amanzi eMkhanyakude

Injabulo kuvulwa amanzi eMkhanyakude

by | 14 May 2025

BAKUFANISE nokuphuma eGibhithe izwe lobugqila bangena eKhenani izwe lesethembiso ukuvulwa kwesiphehli-manzi ngoLwesibili eMachibini, eJozini.

Besekuyisikhathi eside umphakathi wakule ndawo ungenawo amanzi. Lo msebenzi wokuvulwa kwalesi sigcina-manzi uvulwe ngokusemthethweni nguMnu David Mahlobo oyisekela likaNgqongqoshe wezaManzi neNhlanzeko kuzwelonke. Ubehambisana neziphathimandla zemikhakha eyahlukene okubalwa kuzona noMnu Siphile Mdaka oyiMeya yaseMkhanyakude. Ukwakhiwa kwale ngqalasizinda bekusingethwe yiwona umkhandlu uMkhanyakude ongunina womasipala abane okungowaseJozini, uMhlabuyalingana, uMtubatuba neBig 5 Hlabisa.

Ingxenye yamalungu omphakathi izwakalise injabulo ngokuvulwa kwalesi sikhungo. UNkz Ngwegwe Nyawo uthe kubethule umthwalo ukuvulwa kwaso. “Kube yinjabulo kithi ukuvulwa kwamanzi. Ingaphezulu kuka-30 iminyaka singenawo amanzi kule ndawo,” kusho yena.

UMnu Mahlobo uncome ukubambisana okuhle phakathi kwezinhlaka ezivela emaqenjini ahlukene. “Lezi yizithelo zokubambisana kwamaqembu ezombusazwe. Kuhle futhi kulungile ukuthi abaholi bamaqembu babeke phambili izidingo zomphakathi. Umphakathi udinga amanzi kawudinge zincazelo uma kufanele unikwe amanzi. Kuyathokozisa ukunithola nibambisene ngenhloso yokuba kusizakale umphakathi,” kusho uMahlobo.

UMnu Mdaka ubonge ukubambisana okuphakathi kwalo mkhandlu namakhosi ezizwe zaseMkhanyakude. “Inhloso yethu enkulu wukuthi idamu laseJozini libe yisixazululo senkinga yamanzi kubona bonke abantu baseMkhanyakude. Konke lokhu kuyizithelo ezinhle zokusebenzisana okuhle namakhosi ezizwe njengoba lolu hlelo luzosiza imiphakathi yezizwe ezimbili,” kuphetha uMdaka.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...