USHESHE wafika uKhisimusi kwabesifazane abaziphilisa ngokuthengisa emakethe esemgwaqweni onguthelawayeka uN2, eZamimpilo, maphakathi kweHluhluwe noMtubatuba. Abesifazane abangaphezulu kuka-100 abaziphilisa ngokuvuka ekuseni beyothengisa izitshalo ezahlukene behlelwa yishwa ngoNhlaba (May) ngesikhathi indawo yabo icekelwa phansi wumlilo, okungaziwa ukuthi waqutshulwa yini.Â
Ukusha kwayo kwanyakazisa izikhulu zemikhakha eyahlukene. IMeya yaseMkhanyakude uMnu Siphile Mdaka yiyona ebisekhaleni lokuba kuvuselelwe lesi sakhiwo. Ekhuluma neLANGA, uMdaka uthe kuyintokozo ukuthi ekugcineni sekuphothuliwe ukulungiswa kwale ndawo ehlomulisa abaningi.Â
“Siwumkhandlu sithathe inkampani yethu iMhlosinga, sabeka yona phambili. Le nkampani ifake isicelo emnyangweni wakwaCogta ukuba ufake imali kuyona. Kwenziwa lokho, nathi kwaba nezinto eziningi esizenzayo ngenhloso yokusiza omama bethu abaziphilisa ngokuthengisa kule ndawo.
“Namuhla izovulwa ngokusemthethweni yiwona umnyango wakwaCogta. Nakuba nje ibisithathwe ngesinxele, siwumkhandlu kasinankinga nalokho ngoba okubalulekile wukuba kusizakale umphakathi. Abafuna ukudlala ipolitiki mabazidlalele, bangafaki usizi lomphakathi,” kusho uMdaka.Â
Le sakhiwo sivulwe nguMdaka noNgqongqoshe walo mnyango uMfu Thulasizwe Buthelezi. Abesifazane abahweba kule makethe bebejabulise okwezingane ezincane.Â