Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Injabulo kwethulwa inxanxathela yezitolo eNtshongweni

Injabulo kwethulwa inxanxathela yezitolo eNtshongweni

by | 27 March 2025

IBICHICHIMA yinjabulo iMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba, ngesikhathi ivula ngokusemthethweni inxanxathela yezitolo eNtshongweni, entshonalanga yedolobha, ngoLwesine.

Le nxanxathela yezitolo, eyaziwa ngeWestown Square, iseduze komgwaqo owuthelawayeka, uN3, phakathi kweTheku noMgungundlovu. Isaqhubeka iyanwetshwa njengoba kuzoba khona nezindawo zokuhlala abantu, isibhedlela, nesizinda samabhizinisi.

Ibalelwa ku-R1,5 billion imali esetshenzisiwe ukwakha le nxanxathela yezitolo – uMasipala weTheku waphonsa esivivaneni imali ewu-R600 million. Babalelwa ku-1 000 abantu abebeqashiwe, ngesikhathi yakhiwa kanti isikhangisiwe imisebenzi engu-451, yabantu abazosebenza kuyona.

“Lo msebenzi siwethula ngesikhathi sisazithoba amanxeba ngomonakalo osanda kusehlela, sikhahlanyezwa yizikhukhula. Siyabonga ngoba kuzodaleka amathuba emisebenzi, nabatshalimali babone ukuthi kungcono ukuvula amabhizinisi KwaZulu-Natal,” kusho uXaba.

INkosi yendawo, uBhekamanganga Shozi, ubongele umphakathi waseMangangeni namaphethelo, wathi le nxanxathela ilethwe ngesikhathi ikati lilele eziko emindenini eminingi. Uthe lokhu kuzoletha intuthuko endaweni.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...