Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Injabulo kwethulwa inxanxathela yezitolo eNtshongweni

Injabulo kwethulwa inxanxathela yezitolo eNtshongweni

by | 27 March 2025

IBICHICHIMA yinjabulo iMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba, ngesikhathi ivula ngokusemthethweni inxanxathela yezitolo eNtshongweni, entshonalanga yedolobha, ngoLwesine.

Le nxanxathela yezitolo, eyaziwa ngeWestown Square, iseduze komgwaqo owuthelawayeka, uN3, phakathi kweTheku noMgungundlovu. Isaqhubeka iyanwetshwa njengoba kuzoba khona nezindawo zokuhlala abantu, isibhedlela, nesizinda samabhizinisi.

Ibalelwa ku-R1,5 billion imali esetshenzisiwe ukwakha le nxanxathela yezitolo – uMasipala weTheku waphonsa esivivaneni imali ewu-R600 million. Babalelwa ku-1 000 abantu abebeqashiwe, ngesikhathi yakhiwa kanti isikhangisiwe imisebenzi engu-451, yabantu abazosebenza kuyona.

“Lo msebenzi siwethula ngesikhathi sisazithoba amanxeba ngomonakalo osanda kusehlela, sikhahlanyezwa yizikhukhula. Siyabonga ngoba kuzodaleka amathuba emisebenzi, nabatshalimali babone ukuthi kungcono ukuvula amabhizinisi KwaZulu-Natal,” kusho uXaba.

INkosi yendawo, uBhekamanganga Shozi, ubongele umphakathi waseMangangeni namaphethelo, wathi le nxanxathela ilethwe ngesikhathi ikati lilele eziko emindenini eminingi. Uthe lokhu kuzoletha intuthuko endaweni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...