
INJABULO kumculi kamaskandi uMthandeni Manqele Igcokama Elisha eqokwa ukuba yinxusa lakwaBrentwoood. Lesi simemezelo usenze emakhasini akhe kuFacebook. Nasemakhasini akwaBrentwood Africa ezinkundleni zokuxhumana lo mculi usefakiwe esayina isivumelwano nale nkampani. Lizibongela Igcokama Elisha lithe “ Kuphelelisiwe konke manje Mabhinca. Vukani nigiye nidanse nijabule nikikize. Sebuvele baphelela bonke ubunkunzi endimeni.
Sinethulela nasi iSponsor sethu esisha sha sakwa Brentwood Africa Official.
Kusukela namhlanje majongo ningabe nisayikhalela imali yenu enithenga ngayo uGodo ngoba isiya eMdletsheni ngqo kubo kweNgezo. Ngizoyibhubhudla nani lemali zimpisi eTiyeni.”
Kuvela lezi zindaba nje Igcokama Elisha lisanda kuhlukana nabakwaCutty lapho beliyinxusa khona. Lo mculi ube yinxusa isikhathi eside nabakwaCutty njengoba bese kuzohlangana iminyaka engu-10 eyinxusa labo. Ngokuhlukana nabo uthe akukho okubi bavumelene kahle. NabakwaCutty bakuqinisekisile ukuthi abaxabananga. Njengoba eseyinxusa lakwaBrentwood usaqhubeka nokuba yinxusa lakwaGrittgear, Dobbs neMazarata kanti amagidangoma akhe iSK Brothers agqokiswa iBorelli nePremium. I-Arbiter nayo ebigqokisa Igcokama Elisha limemezele ukuthi sebehlukene nayo.
tndlovu@ilanganews.co.za







