Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kushone 7 engozini eyenzeke ku-N3

Kushone 7 engozini eyenzeke ku-N3

by | 23 December 2024

KUSHONE abantu abawu-7 emgwaqweni onguthelawayeka u-N3 eMpumalanga ngoMsombuluko.

Ngokubika kweTimesLive le ngozi yenzeke ngemuva kokuba itekisi ligingqike laphenduka izikhawu.

Lo mthombo wezindaba ubike ukuthi abeRoad Traffic Management Corporation bathe le ngozi yenzeke ngezintatha zangoMsombuluko ebangeni elingamakhilomitha awu-10 ukusuka eVilliers endaweni yaseGrootvlei.

Kubikwa ukuthi azibanga khona ezinye izimoto ezibe yingxenye yale ngozi eshiye nabanye abagibeli abahlanu belimele kanzima.

Ngesikhathi sokushicilela lo mgwaqo ubusavaliwe ukuqinisekisa uphenyo olunzulu ngale ngozi.

Enye ingozi yenzeke endaweni yaseWilge Plaza eFree State kuwona uN3.

Kubikwa ukuthi nakulolo hlangothi lo mgwaqo uvaliwe njengoba kugingqike iloli.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...