Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kushone 7 engozini eyenzeke ku-N3

Kushone 7 engozini eyenzeke ku-N3

by | 23 December 2024

KUSHONE abantu abawu-7 emgwaqweni onguthelawayeka u-N3 eMpumalanga ngoMsombuluko.

Ngokubika kweTimesLive le ngozi yenzeke ngemuva kokuba itekisi ligingqike laphenduka izikhawu.

Lo mthombo wezindaba ubike ukuthi abeRoad Traffic Management Corporation bathe le ngozi yenzeke ngezintatha zangoMsombuluko ebangeni elingamakhilomitha awu-10 ukusuka eVilliers endaweni yaseGrootvlei.

Kubikwa ukuthi azibanga khona ezinye izimoto ezibe yingxenye yale ngozi eshiye nabanye abagibeli abahlanu belimele kanzima.

Ngesikhathi sokushicilela lo mgwaqo ubusavaliwe ukuqinisekisa uphenyo olunzulu ngale ngozi.

Enye ingozi yenzeke endaweni yaseWilge Plaza eFree State kuwona uN3.

Kubikwa ukuthi nakulolo hlangothi lo mgwaqo uvaliwe njengoba kugingqike iloli.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...