Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 OwezeMfundo eKZN ushaqekile kubulawa u-principal

OwezeMfundo eKZN ushaqekile kubulawa u-principal

by | 5 December 2024

LUCKY CAIN

UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu Natal usuzwakalise ukushaqeka ngesigameko sokubulawa kuka-principal wesikole samabanga aphakeme iSikhethuxolo High School eHammarsdale ngoLwesine.

UNgqongqoshe walo mnyango uMnu Sipho Hlomuka usigxekile lesi sigameko wasachaza njengesingenalo uzwelo emphakathini jikelele.

Esitatimendeni esikhishwe yilo mnyango uHlomuka uthe ukubulawa kwalo principal akubhekene naye kuphela kodwa kulwa nanekusasa lezingane nomkhakha wezemfundo jikelele.

Udlulise amazwi enduduzo kulo principal ebelingakadalulwa igama lakhe kuze kube wonke amalungu omndeni wakhe ayaziswa.

Uqhube ngokuthi akumele izikole ziphenduke indawo lapho abafundi nothisha bezoba kuzona ngokwesaba futhi bangakhululeki.

UHlomuka unxuse ingalo yomthetho ukuba ingenelele iphenye lolu daba ukuze abenzi balobu bugebengu bathole ukujeza okubafanale.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...