Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 OwezeMfundo eKZN ushaqekile kubulawa u-principal

OwezeMfundo eKZN ushaqekile kubulawa u-principal

by | 5 December 2024

LUCKY CAIN

UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu Natal usuzwakalise ukushaqeka ngesigameko sokubulawa kuka-principal wesikole samabanga aphakeme iSikhethuxolo High School eHammarsdale ngoLwesine.

UNgqongqoshe walo mnyango uMnu Sipho Hlomuka usigxekile lesi sigameko wasachaza njengesingenalo uzwelo emphakathini jikelele.

Esitatimendeni esikhishwe yilo mnyango uHlomuka uthe ukubulawa kwalo principal akubhekene naye kuphela kodwa kulwa nanekusasa lezingane nomkhakha wezemfundo jikelele.

Udlulise amazwi enduduzo kulo principal ebelingakadalulwa igama lakhe kuze kube wonke amalungu omndeni wakhe ayaziswa.

Uqhube ngokuthi akumele izikole ziphenduke indawo lapho abafundi nothisha bezoba kuzona ngokwesaba futhi bangakhululeki.

UHlomuka unxuse ingalo yomthetho ukuba ingenelele iphenye lolu daba ukuze abenzi balobu bugebengu bathole ukujeza okubafanale.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...