Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umndeni nonkosikazi embangweni wesidumbu somlingisi

Umndeni nonkosikazi embangweni wesidumbu somlingisi

by | 22 July 2026

NGESIKHATHI izwe lisazilile ngokudlula emhlabeni komlingisi wethelevishini, uSeputla Sebogodi (63), umndeni ubanga isidumbu sakhe.

Lokhu kuza emva kokuthi umndeni wakhe oseRamogale, Ga-Mathapo, eLimpopo uveze ukuthi usakhungathekile njengoba ungavunyelwa ngisho nokubona isidumbu sakhe.

Umbango ususwa ukuthi kuvele unkosikazi kaSebogodi abanezinyanga eziyisithupha beshadile.

Umndeni ufuna lo mlingisi ayongcwatshwa emathuneni eMakgopeng kanti unkosikazi wakhe nezingane bafuna ayongcwatshwa emathuneni aseSilicon, ePolokwane.

Umndeni uphinde uveze ukuthi ubungazi nokuthi ushadelwe uSebogodi.

USebogodi ungomunye wabalingisi abaqavile kuleli njengoba ezakhele udumo elingisa emdlalweni owuchungechunge iGenerations lapho ayedlala khona indawo kaKenneth Mashaba.

Uke wacula umculo we-gospel wakhipha ne-albhamu.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...