Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umndeni nonkosikazi embangweni wesidumbu somlingisi

Umndeni nonkosikazi embangweni wesidumbu somlingisi

by | 22 July 2026

NGESIKHATHI izwe lisazilile ngokudlula emhlabeni komlingisi wethelevishini, uSeputla Sebogodi (63), umndeni ubanga isidumbu sakhe.

Lokhu kuza emva kokuthi umndeni wakhe oseRamogale, Ga-Mathapo, eLimpopo uveze ukuthi usakhungathekile njengoba ungavunyelwa ngisho nokubona isidumbu sakhe.

Umbango ususwa ukuthi kuvele unkosikazi kaSebogodi abanezinyanga eziyisithupha beshadile.

Umndeni ufuna lo mlingisi ayongcwatshwa emathuneni eMakgopeng kanti unkosikazi wakhe nezingane bafuna ayongcwatshwa emathuneni aseSilicon, ePolokwane.

Umndeni uphinde uveze ukuthi ubungazi nokuthi ushadelwe uSebogodi.

USebogodi ungomunye wabalingisi abaqavile kuleli njengoba ezakhele udumo elingisa emdlalweni owuchungechunge iGenerations lapho ayedlala khona indawo kaKenneth Mashaba.

Uke wacula umculo we-gospel wakhipha ne-albhamu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...