Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Inkakha yomculi waseMelika izojabulisa abalandeli eThekwini

Inkakha yomculi waseMelika izojabulisa abalandeli eThekwini

by | 12 August 2025


SIKHUZA ibuya eNingizimu Afrika isihlabani somculo we-jazz saphesheya kwezilwandle, uGregory Porter. Lo mculi uzoshaya umjikelezo kuleli obizwa ngeLove is King uzovakashela amadolobha amathathu, uzoqala eGrand West, eCape Town mhla ka 12 November. Aqhubeke aye eGoli mhla ka 15 November bese eyivala eThekwini mhla ka 19 November. Ebhala ekhasini lakhe uthe uyakujabulela ukuthi uzokhuza ibuya eNingizimu Afrika.

“Kimina umculo umayelana nokuza nokuzithoba nokutshengisa ukwethembeka ngothando nempilo. Ningizimu Afrika ngijabule ngothando eningitshengisa lona. Ngemuva kweminyaka emibili ngikhuza ibuya ngomjikelezo womculo iLove is King, wokubungaza abantu abahle bakulelizwe,” kuchaza uGregory Porter wamanoni okubalwa kuwo athi Hey Laura, Be Good, Take Me to the Alley, Holding On namanye. Ithalente lalo mculi kalingabazeki kwabathanda umculo njengoba isigqi sakhe singagcini kwi-jazz kepha singena nakwi R&B nakwi-gospel.

Lo mculi wagcina ukuvakashela kuleli zwe ngo-2023 nokulapho amathikithi akhe adayisa ubuthaphuthaphu kanti ngaphambi kwalokho wayekwi Joy of Jazz ngo-2015 nango 2014.
UTony Feldman weShowtime Management okuyinkampani ehlele ukumletha uthe: “Ubukhona kukaGregory Porter, iphimbo lakhe nomculo wakhe othinta inhliziyo kuyinjabulo kakhulu kubantu baseNingizimu Afrika. Sijabule ukumamukela futhi, azokwabelana nathi ngethalente lakhe nabalandeli bakhe futhi,” esho. Amathikithi alo mcimbi aseqalile ukudayisa ku-webticket.

tzondi@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Amaqembu azibophezele okhethweni olukhululekile

Amaqembu azibophezele okhethweni olukhululekile

AMAQEMBU angenele ukhetho loHulumeni baseKhaya, olungomhla ka-4 kuLwezi (November), asayine imigomo yokuzibophezela ekutheni azokwenza ukhetho lube ngolukhululekile, futhi lungabi nazihibe. Abesayina eMidrand, eGauteng, namuhla ngoLwesithathu. USihlalo we-Electoral...

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

KUBULAWE owesilisa efaniswe nomuntu okusolwa ukuthi uyena obulala abesifazane abatholwa beshonile eKempton Park, eKurhuleni. Umufi uMnu Vusumuzi Radebe kuthiwa uhlaselwe yiqulu labantu eKurhuleni esolwa ngokuthi ungumbulali wabesifazane njengoba kutholakala izidumbu...

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

UPHIKO lwamaphoyisa iProvincial and Crime Unit lugasele emzimi kangqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnu Senzo Mchunu lwayophenya umuzi wakhe okwaZulu-Natal kwathathwa nomakhalekhukhwini. Amaphoyisa kuthiwa afike nencwadi egunyaza ukuthi kuseshwe umuzi wakhe ayinikwe...