Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Inkampani eqopha Uzalo icacisa ngemiholo yabalingisi ngoDecember

Inkampani eqopha Uzalo icacisa ngemiholo yabalingisi ngoDecember

by | 6 January 2025

INKAMPANI eqopha imidlalo kamabonakude iStained Glass Productions isiphumele obala ngokucacisa ngodaba lwemiholo yabalingisi boZalo ngoDecember.

ILANGA libike ngokungenami kwabalingisi kulandela ukungayitholi imiholo yabo ngesikhathi abebethenjiswe sona ngale nyanga nokugcine kuholela ekutheni abanye babo babe noKhisimusi omnyama kulandela ukungaholi.

Leli phephandaba lithole ukuthi izisebenzi nabalingisi balo mdlalo bagcine behola ngomhla ka-31 kuDecember 2024 kanti abanye abawutholanga uphelele umholo wabo nakuba babethenjiswe umhla ka-20 kuDecember.

Empendulweni yemibuzo ethunyelwe yileli phephaphandaba kule nkampani iveze ukuthi isivumelwano esikhona esisemthethweni nezisebenzi nabalingisi sithi imiholo ingena ngosuku lokugcina enyangeni.

Okhulumela le nkampani uNomfundo Zondi uthe uhlelo lokuholela izisebenzi ngomhla ke-20 lwaluzoba isihe njengoba bekuyizinsuku zamaholidi kaKhisimusi kodwa akusona izivumelwano esishicilelwe phansi.

Uthe lokhu babe zokwenza ngokubambisana ne-SABC uma iyifaka ngalolu suku umhlomulo wayo.

“Sasinethemba ukuthi iSABC izosikhokhela ngalolu suku bese nathi senza isihe ngokuthi siholele izisebenzi nabalingisi ungakashayi uKhisimusi.

Ngeshwa lokhu akwenzekanga kwase kuphoqa ukuthi sibuyele esivumelwaneni esinaso nabo sokubaholela ngosuku lokugcina enyangeni,” kusho uNomfundo.

Uthe nebala izisebenzi nabalingisi balo mdlalo bayitholile imiholo yabo ngomhla ka-31.

Ukuchithile ukuthi kunezisebenzi nabalingisi abathole imiholo engaphelele.

“Ngokolwazi lwethu wonke umuntu onesivumelwano neStained Glass noZalo uholile wonke umholo wakhe ngomhla ka-31 kuDecember,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi njengenkampani bazibophezele ukusebenza ngendlela evulelekile nokuqinisekisa ukuthi zonke izivumelwano abanazo nezisebenzi nabalingisi ziyahlonishwa futhi ziyenzeka.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...