Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Inkampani eqopha Uzalo icacisa ngemiholo yabalingisi ngoDecember

Inkampani eqopha Uzalo icacisa ngemiholo yabalingisi ngoDecember

by | 6 January 2025

INKAMPANI eqopha imidlalo kamabonakude iStained Glass Productions isiphumele obala ngokucacisa ngodaba lwemiholo yabalingisi boZalo ngoDecember.

ILANGA libike ngokungenami kwabalingisi kulandela ukungayitholi imiholo yabo ngesikhathi abebethenjiswe sona ngale nyanga nokugcine kuholela ekutheni abanye babo babe noKhisimusi omnyama kulandela ukungaholi.

Leli phephandaba lithole ukuthi izisebenzi nabalingisi balo mdlalo bagcine behola ngomhla ka-31 kuDecember 2024 kanti abanye abawutholanga uphelele umholo wabo nakuba babethenjiswe umhla ka-20 kuDecember.

Empendulweni yemibuzo ethunyelwe yileli phephaphandaba kule nkampani iveze ukuthi isivumelwano esikhona esisemthethweni nezisebenzi nabalingisi sithi imiholo ingena ngosuku lokugcina enyangeni.

Okhulumela le nkampani uNomfundo Zondi uthe uhlelo lokuholela izisebenzi ngomhla ke-20 lwaluzoba isihe njengoba bekuyizinsuku zamaholidi kaKhisimusi kodwa akusona izivumelwano esishicilelwe phansi.

Uthe lokhu babe zokwenza ngokubambisana ne-SABC uma iyifaka ngalolu suku umhlomulo wayo.

“Sasinethemba ukuthi iSABC izosikhokhela ngalolu suku bese nathi senza isihe ngokuthi siholele izisebenzi nabalingisi ungakashayi uKhisimusi.

Ngeshwa lokhu akwenzekanga kwase kuphoqa ukuthi sibuyele esivumelwaneni esinaso nabo sokubaholela ngosuku lokugcina enyangeni,” kusho uNomfundo.

Uthe nebala izisebenzi nabalingisi balo mdlalo bayitholile imiholo yabo ngomhla ka-31.

Ukuchithile ukuthi kunezisebenzi nabalingisi abathole imiholo engaphelele.

“Ngokolwazi lwethu wonke umuntu onesivumelwano neStained Glass noZalo uholile wonke umholo wakhe ngomhla ka-31 kuDecember,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi njengenkampani bazibophezele ukusebenza ngendlela evulelekile nokuqinisekisa ukuthi zonke izivumelwano abanazo nezisebenzi nabalingisi ziyahlonishwa futhi ziyenzeka.

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...