Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Othishanhloko kabanayo imvume yokungababhalisi abafundi abashoda ngezitifiketi zokuzalwa nomazisi’

‘Othishanhloko kabanayo imvume yokungababhalisi abafundi abashoda ngezitifiketi zokuzalwa nomazisi’

by | 19 October 2025

NguNgqongqoshe wezeMfundo kuzwelonke, uNkz Siviwe Gwarube.

UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke, uchitha amahlebezi asabalale ezinkundleni zokuxhumana, athinta ukubhaliswa kwabafundi ezikoleni zemfundo eyisisekelo.

Kuleli sonto kusabalale i-poster enophawu lomnyango, eveza ukuthi izikole zikahulumeni akumele zibhalise abafundi uma bengenawo amaphepha afanele, afana nomazisi, izitifiketi zokuzalwa nokunye okuyaye kudingeke uma kubhaliswa abafundi.

Ngokusho kukaNgqongqoshe walo mnyango, uNkz Siviwe Gwarube, le poster ingamampunge, futhi kayiphumi eMnyangweni wezeMfundo.

“Ngifisa ukucacisa ukuthi ayikho ingane okumele iphucwe ilungelo layo lokufunda ngenxa yokungabi nawo amaphepha. Ngokomthetho iSouth African Schools Act, olungiswe ngo-2024 waba yiBasic Education Laws Amendment (BELA) ukubeka kucace ukuthi zonke izikole zikahulumeni kumele zibemukele abafundi, ngale kokushodelwa amaphepha athile.

“Lo mthetho uphinde ukubeke ngokusobala ukuthi izikole zikahulumeni kumele ziqinisekise ukuthi izidingo zabo zonke abafundi ziyanakekelwa, kuze kube baphothula imfundo yabo ezingeni lemfundo eyisisekelo,” esho.

Uthi othishanhloko nothisha kabanalo ilungelo lokunqabela ingane ukuba ibhalise esikoleni ngenxa yale nkinga. Uthi inhloso yokufuna lolu hlobo lwamaphepha, wukuqinisekisa umfundi nomndeni wakhe, hhayi ukumvimba ukuba afunde.

“Othishanhloko abanalo ilungelo lokuvimba umfundi ngenxa yokuthi akanawo umazisi, noma isitifiketi sokuzalwa. Esikugqugquzelayo wukuthi othishanhloko bababhalise abafundi abanale nkinga, bese nabo benze imizamo yokubalekelela ngeminyango efanele,” esho.

Unxuse izakhamizi ukuba ziqaphele izindaba ezingamampunge, futhi ezidukisayo ezinkundleni zokuxhumana.

“Siwumnyango siyacela emalungwini omphakathi ukuba axwaye izindaba ezingelona iqiniso nezidicilela phansi isithunzi somnyango. Izindaba zalolu hlobo kazigcini ngokudicilela phansi isithunzi somnyango, kodwa zidala uqhekeko phakathi kwabafundi nothisha ezikoleni.

“Abazali nabafundi abakhathazekile ngokumele bakwenze uma bebhalisa, bayacelwa ukuba bafune usizo emahhovisi ezemfundo ezingeni lezifunda nezifundazwe, noma bavakashele i-website yomnyango ethi: www.education.gov.za babheke ngaphansi kohlelo lwe-admission,” kuphetha uGwarube.
ngubo@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...