Ilanga News
Home 9 Featured 9 URamaphosa ufuna ukubona imikhiqizo yaseNigeria emashalofini ezitolo zakuleli

URamaphosa ufuna ukubona imikhiqizo yaseNigeria emashalofini ezitolo zakuleli

by | 4 December 2024

NGUMENGAMELI waseNigeria, uMnu Bola Tinubu, nowaseNingizimu Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa.

INTATHELI YELANGA

UMENGAMELI uCyril Ramaphosa uthi iNingizimu Africa izinikele ekuqiniseni ubudlelwano nezwe laseNigeria, ngenhloso yokwenza lula ukuhwebelana phakathi kwalawa mazwe.


URamaphosa uveze lokhu enkulumweni yakhe emhlanganweni weSA-Nigeria Bi-National Commission ngoLwesibili eTuynhuys, eCape Town.

“Uhulumeni wethu uyaqhubeka nemizamo yokwenza kube lula ukuqhuba ibhizinisi eNingizimu Afrika. Sifuna kube lula kubatshalimali ukusebenza, ukuhweba nokusebenzisa amathuba emikhakheni eyehlukene kuleli,” kusho uRamaphosa.

Uthe iNingizimu Afrika izothambisa imithetho ye-visa phakathi kwayo neNigeria.


“Sikulangazelele ukubona zanda izinkampani zaseNigeria ezitshala imali eNingizimu Afrika. Sifuna ukubona imikhiqizo yaseNigeria idayiswa ezitolo zakuleli.”


Ukwenza izinto zibe lula, uRamaphosa uthe osomabhizinisi baseNigeria abagunyaziwe bazonikwa i-visa evulelekile, yeminyaka emihlanu, yokungena noma yikangaki kuleli, ngaphandle kwezindleko ezengeziwe.

“Ngaphezulu kwalokhu, izivakashi ezivela eNigeria seziyakwazi manje ukufaka izicelo zama-visa ngaphandle kwe-passport. ”

Uthe iNigeria yizwe elakuleli elihwebelana kakhulu nalo kunawo wonke aseWest Africa. Uthe ziningi izinkampani zakuleli ezihweba eNigeria.

“Siyohlezi siyibonga iNigeria ngeqhaza layo ekuholeni umkhankaso wamazwe owawuhlose ukuqeda ubandlululo (apartheid) eNingizimu Afrika. Njengoba siqeda iminyaka ewu-30 yenkululeko, sibona ikusasa eliqhakazile ebudlelwaneni bethu neNigeria.”

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...