Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kushayeka nezinhlelo zokweseka izisulu zodlame lobulili ngokuncishiswa kwesabelomali eKZN

Kushayeka nezinhlelo zokweseka izisulu zodlame lobulili ngokuncishiswa kwesabelomali eKZN

by | 15 April 2025

NGUNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkz Mbali Shinga.


ZISENGCUPHENI yokulahlekelwa wuxhaso nokwesekwa izisulu zodlame oluncikene lobulili nezingane ezihlukumezekile KwaZulu-Natal njengoba uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kulesi sifundazwe ubhekene nenkinga yokunqanyulelwa isabelomali, okuphoqe ukuthi kunqanyulwe ezinye zezinhlelo ezeseka lezi zisulu.

Lokhu kuvezwe yiskhulu esiphezulu esibhekelele imali kulo mnyango uMnu Senzo Zungu ngesikhathi uhleli phambi kwekomidi elibhekelele ukusebenza kwemali ePhalamende izolo nanamuhla.

UZungu uthi nakuba uNgqongqoshe weMali eKZN uMnu Francois Rodgers ngesikhathi ethula isabelomali sonyakamali ka-2025/26, edalule ukuthi kasinqanyulwanga isabelomali salo mnyango, kodwa izinkinga ezikhona zomnyango zisuka ekunqanyulweni kwesabelomali sika-2021 nezinkinga ezibekhona ngonyaka odlule.

Lokhu kwenza lomnyango ushodelwe wu-R600 million kwisabelomali sika-R3,6 billion salo nyakamali.

“Okunye okube nomthelela kulokhu wukunyuswa kwamaholo ezisebenzi zomnyango wethu kuzwelonke kodwa, yangengezwa imali yokwenza lokho esifundazweni, okuphoqe ukuthi sisebenzise ekhona. Ngalokho sizocaphune emalini ebhekelele ezinye izinhlelo.

“Kunohlelo lwethu iRestoretive Services Programme elibhekelele izisulu zodlame lobulili okuphoqeleke ukuthi sinciphise isabelomali salo ngo-R19 million ukuze siholele izisebenzi. Angikusho ukuthi alukho uhlelo olusha esizokwazi ukuqhubeka nalo kulezi zokweseka izisulu zodlame lobulili nezingane,” esho.

Ungqongqoshe walo mnyango esifundazweni, uNkz Mbali Shinga, utshele leli komidi ukuthi nakuba kungemukeleki okwenziwe wumnyango kodwa ukunqanyulwa kwalezi zinhlelo bekuyisombululo sokugcina. Uthe umnyango uzoqhubeka nokuzama ukuthola izinhlelo ezintsha, ezonga imali ukuze baqhubeke nezinhlelo.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...