Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inkantolo isigodlile isinqumo esicelweni sikaRamaphosa

Inkantolo isigodlile isinqumo esicelweni sikaRamaphosa

by | 16 July 2026

INKANTOLO eNkulu yaseWestern Cape isigodlile isinqumo sayo esicelweni sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuba kumiswe ukusebenza kwekomidi lePhalamende eliphenya ngodaba oluthinta iPhala Phala. Le nkantolo iveze lokhu ngoLwesine, kulandela ukulalelwa kwalesi sicelo izinsuku ezimbili zilandelana.

Ukufakwa kwalesi sicelo kuza ngemuva kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo yanquma ukuthi iPhalamende alihambisanga izinto ngendlela ngesikhathi livotela ukuba angaphenywa uRamaphosa ngalolu daba ngo-2022.

Yaphakamisa ukuthi kwakumele kulandelwe umbiko wabaphenyi abazimele, owawuthi kumele umengameli aphendule ngokutholakala kwemali engamadola aseMelika epulazini lakhe iPhala Phala. Lokhu kwaphoqa ukuba udaba lubuyiselwe ePhalamende.

URamaphosa wathi uzowuphonsela inselelo umbiko wabaphenyi abazimele. Wabe esefaka lesi sicelo enkantolo yaseWestern Cape, efuna kumiswe ukusebenza kwekomidi, kuze kube kuphuma isinqumo sokuphonsela inselelo umbiko.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...