Ilanga News
Home 9 Featured 9 Intsha yaseMsinga ifukule abafundi ngezamanyuvesi

Intsha yaseMsinga ifukule abafundi ngezamanyuvesi

by | 11 June 2025

IZAME ukufukulana yodwa intsha yaseMsinga esilungizile emanyuvesi ikulekelela esafunda emakhaya. Lokhu kwenzeke esikoleni eMacingwane Secondary eKeats Drift eMsinga ngeledlule kuhlanganelwe khona nabafundi basezikoleni ezingomakhelwane balesi sikole esidume ngokwenza kahle kumatikuletsheni. Bekusizwa abafundi ngokuthumela izicelo zokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, bechazelwa nangemikhakha ehlukahlukene yasemanyuvesi.

UMnu Sakhile Khubheka okunguyena ophambili kulolu uhlelo, uthi bafuna ukuphakamisa imfundo kule ndawo ngokulethela abafundi endaweni yasemakhaya. Uveze ukuthi kwezinye izindawo bayathathwa abafundi beyothekela ezikhungweni zemfundo ephakeme, kodwa abakule ndawo eMsinga- abalitholi lelithuba ngenxa yokuntula kwemindeni imali yokuhambisa abafundi ezikhungweni zemfundo.

“Ngesikhathi sisungula inhlangano yethu engenzi nzuzo, yeSizwe Esiqhakazile, besifuna ukwenza umehluko ezimpilweni zentsha ikakhulukazi eMzinyathi esidabuka kuwona. UMsinga usilele kakhulu emuva ekulethelweni ulwazi lwemfundo kubafundi. Inhloso yethu njengentsha esifundile emanyuvesi, ngukuthi laba abeza ngemuva bafike sebeqonda kahle izimo zasezikhungweni zemfundo, bathumele nezicelo zokufunda ngendlela eqondile, nangesikhathi esifanele,” kusho uMnu Kubheka.

Uthi abanye abafundi bathumela izicelo kwimikhakha yeziqu abangayiqondi kahle ngenxa yokungabi nalo ulwazi ngayo. Utshele ILANGA ukuthi basezinhlelweni zokuhambela izingxenye eziningi zoMsinga.

“Ngelinye ilanga sifisa ukuthi uMsinga ufane nezinye izindawo ugqame kakhulu ngemfundo njengoba sezikhona izikole ezenza kahle okubalwa yona iMacingwane,” esho.

Kulo mcimbi abafundi balulekwe uMfundisi uSthembiso Zondo ebakhuthaza ngemfundo okubalwa nosonkondlo uSyabonga Mpungose ngezinkondlo ezithinta ukubaluleka kwemfundo nekusasa elihle. Kunandise umculi kamasikandi uMenzi Mabizela.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...