Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lihlehlisiwe icala likaNkk Duduzile Zuma-Sambudla

Lihlehlisiwe icala likaNkk Duduzile Zuma-Sambudla

by | 20 March 2025

LIHLEHLISELWE umhla ka-14 kuNcwaba (August) kulo nyaka icala lokuphehla udlame emphakathini elibhekene noNkk Duduzile Zuma-Sambudla.


Lokhu kuvele namuhla ngoLwesine eNkantolo eNkulu eThekwini ngesikhathi ummeli wakhe u-Adv Dali Mpofu noYuri Gangai omele umbuso benza izethulo phambi kweJaji uCharmani Bolton.


Kulindeleke ukuthi kufike usuku lomhla ka-14 kuNcwaba iNational Director of Public Prosecutions (NDPP) isisithathile isinqumo ngokuthi umbuso unobufakazi obenele yini ukushushisa uNkk Zuma-Sambudla. Ummeli kammangalelwa ufuna lihoxishwe leli cala njengoba bekholwa wukuthi linenhlese yepolitiki.


Okhulumela iNPA uMnu Mthunzi Mhaga uthe ukholwa wukuthi umbuso unobufakazi obanele ukuthi kuqale ukuqulwa kwecala.


“Abammeli bakammangalelwa bafake isicelo sokubuka izitatimende zofakazi bethu. Akukho thina ebesingakwenza ngoba kuyilungelo likammangalelwa. Kodwa-ke siyethemba ukuthi kuzoqala ukuqulwa kwecala ngomhla ka-10 kuLwezi (November),” esho.


UNkk Zuma-Sambudla, oyilungu lePhalamende ngethikithi leMK Party, ubhekene necala lokuphehla udlame emphakathini nokuvukela umbuso (terrorism) elisuselwa ezigamekweni zangesikhathi sezibhelu zokutashwa kwempahla nokushiswa kwezitolo namadepho ngoNtulikazi (July) ku-2021.


Abephume ngezinkani amalungu nabaholi beMK Party enkantolo ukuyokweseka uNkk Zuma-Sambudla, ophume eseshesha enkantolo, eyongena emotweni, wangakhuluma nabezindaba abebemlindile ngaphandle.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...