Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lihlehlisiwe icala likaNkk Duduzile Zuma-Sambudla

Lihlehlisiwe icala likaNkk Duduzile Zuma-Sambudla

by | 20 March 2025

LIHLEHLISELWE umhla ka-14 kuNcwaba (August) kulo nyaka icala lokuphehla udlame emphakathini elibhekene noNkk Duduzile Zuma-Sambudla.


Lokhu kuvele namuhla ngoLwesine eNkantolo eNkulu eThekwini ngesikhathi ummeli wakhe u-Adv Dali Mpofu noYuri Gangai omele umbuso benza izethulo phambi kweJaji uCharmani Bolton.


Kulindeleke ukuthi kufike usuku lomhla ka-14 kuNcwaba iNational Director of Public Prosecutions (NDPP) isisithathile isinqumo ngokuthi umbuso unobufakazi obenele yini ukushushisa uNkk Zuma-Sambudla. Ummeli kammangalelwa ufuna lihoxishwe leli cala njengoba bekholwa wukuthi linenhlese yepolitiki.


Okhulumela iNPA uMnu Mthunzi Mhaga uthe ukholwa wukuthi umbuso unobufakazi obanele ukuthi kuqale ukuqulwa kwecala.


“Abammeli bakammangalelwa bafake isicelo sokubuka izitatimende zofakazi bethu. Akukho thina ebesingakwenza ngoba kuyilungelo likammangalelwa. Kodwa-ke siyethemba ukuthi kuzoqala ukuqulwa kwecala ngomhla ka-10 kuLwezi (November),” esho.


UNkk Zuma-Sambudla, oyilungu lePhalamende ngethikithi leMK Party, ubhekene necala lokuphehla udlame emphakathini nokuvukela umbuso (terrorism) elisuselwa ezigamekweni zangesikhathi sezibhelu zokutashwa kwempahla nokushiswa kwezitolo namadepho ngoNtulikazi (July) ku-2021.


Abephume ngezinkani amalungu nabaholi beMK Party enkantolo ukuyokweseka uNkk Zuma-Sambudla, ophume eseshesha enkantolo, eyongena emotweni, wangakhuluma nabezindaba abebemlindile ngaphandle.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...