Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uyakhula umkhankaso wokweseka uCwecwe ‘owadlwengulwa esikoleni’

Uyakhula umkhankaso wokweseka uCwecwe ‘owadlwengulwa esikoleni’

by | 1 April 2025

ISIBALO sasebesayine ukwesekwa umkhankaso wokuthi intombazane esencane (7), eyaziwa ngelikaCwecwe, ithole ubulungiswa sesifinyelele ngaphezulu kuka-900 000.

UCwecwe kubikwa ukuthi wadlwengulwa emagcekeni esikole Biergville College, eMatatiele, e-Eastern Cape ngoMfumfu (October) ngonyaka odlule, ngesikhathi elinde imoto eyayizomthatha imyise ekhaya, esuka esikoleni esizimele.

Lesi sigameko sisukumise abaningi ezinkundleni zokuxhumana okubalwa kubona nosaziwayo ngemuva kokuba unina wengane eveze intukuthelo ngendlela isikole esisingathe ngayo lolu daba. Kusukela izolo nanamhlanje kunamamashi ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika, ukweseka umndeni nesisulu.

Unina wengane, ekhuluma kwenye yama-podcast, wabika ukuthi isikole sehlulekile wukusingatha ngendlela efanele uphenyo. Uthi esikhundleni salokho, isikole siqoke ukubanika incwadi yokuthi ingane iyofunda kwesinye isikole, nakuba bebengayicela abazali.

Kusukela lapho isikole obekufunda kuso isisulu sivaliwe, sakhishwa nasohlwini lwezikole ezisemthethweni, ngenxa yokuthi besenqaba ukusebenzisana namaphoyisa.

Khona manjalo kukhalwa nangabanye besilisa abatshengisa ukungezwelani nesisulu ngokuphosta imibhalo eshaqisayo. Miningi imibhalo esisabalale ezinkundleni zokuxhumana kubatshazwa isihluku salaba besilisa, abanye bephakamisa ukuthi bacetshwe ezindaweni abasebenza kuzo.


Izolo ngoMsombuluko, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Senzo Mchunu, ukuqinisekisile ukuthi utshishanhloko naye usethathiwe ulibofuzo njengomunye wabathathwa njengabasolwa. UNgqongqoshwe wezeMfundo, uNkz Siviwe Gwarube unxenxe umphakathi ukuba usebenzisane nohulumeni ekufundiseni izingane ngokuhlukunyezwa ngokocansi futhi zibike.

Izinhlangano zepolitiki okubalwa kuzona i-IFP, i-EFF, iMKP, i-ANC, ne-Action SA nezinye, nazo zizwakalise ilaka lazo ngalesi sigameko.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...